
UNkota akafuni baqhathaniswe neDowns kwiChampions League
- Intatheli yeLISENETHINI
Umgadli we-Orlando Pirates, uMohau Nkota, ukholwa wukuthi bengayinqoba iCaf Champions League.
Nokho uthi kumele bathuthuke ezintweni eziningi ukuze bafeze lesi sifiso sabo esikhulu.
UNkota, oneminyaka engu-20 ubudala, ukhuphuke esuka kwiDStv Diski Challenge wabe esenyuselwa eqenjini elikhulu ngemuva kwamasizini amabili aqinile.
Ujoyine iqembu lokuqala lePirates ngasekupheleni kwesizini edlule kodwa wathikanyezwa ukulimala.
Kule sizini, udlale umdlalo wakhe wokuqala benqoba ngo 1-0 behlula iRichards Bay ngoSepthemba.
Ube esehlaba umxhwele umqeqeshi uJose Riveiro futhi waqala bebhekene neSuperSport United.
UNkota ube esegqama emdlalweni olandelayo, eshaya amagoli amabili bebhekene naMaZulu FC.
Ifomu kaNkota iqhubekile nakwiChampions League. Uhlohle amagoli amabili abalulekile ngesikhathi iPirates ishaya izinkunzi zase-Algeria iCR Belouizdad.
Manje, uNkota uphakathi kwabashaye amagoli amaningi kulo mqhudelwano, uqhudelana nabadlali baseNingizimu Afrika u-Elias Mokwana no-Iqraam Rayners.
“Sikholwa ukuthi singafinyelela kowamanqamu, kodwa sidinga ukuhlala sithobekile futhi sigxile ekunqobeni yonke imidlalo esele sibe sizithuthukisa,” kusho uNkota etshela abezindaba beCaf.
Ube esebuzwa ukuthi ngabe iPirates izokwenza kangcono yini kuneMamelodi Sundowns kwiChampions League kule sizini.
“Sigxile kithina, hhayi iSundowns. Sesivele sinenkanyezi ebhejini lethu, futhi manje sifuna enye.
“Inhloso yethu wukuba ngcono kakhulu futhi sifeze izinhloso zethu.
“Ngicabanga ukuthi sidinga nje ukuzisebenzela futhi sihlale sithobekile ngaso sonke isikhathi.”
