EzintshaKaizer Chiefs

Ungubani lo Ethan ‘Msindisi’ Chisslett osayinwa yiChiefs? 

U-Ethan Chislett, umdlali oneminyaka engu-26 ubudala, akakethulwa noma kuqinisekiswe ukusayinwa kwakhe.

Kodwa usevele ubonakala njengomdlali ongaguqula izinto eNaturaena, iChiefs ingabi yiqembu elithembisayo nje, kodwa ibe ngelingavimbeki.

Lo mdlali wazalelwa eThekwini, wacijwa enkulisa yeSouthampton e-England, wathola amava eSpain, wabe esevelela kwi-AFC Wimbledon. 

Unemidlalo engu-123, namagoli angu-16, kanti wakhele ozakwabo ayisishiyagalombili. 

Ngesizini edlule, ushaye amagoli amane wakhela ozakwabo amathathu emidlalweni engu-25 esiza iPort Vale inqobe iligi ebidlala kuyo.

U-Ethan Chislett ungumdlali onekhono lokungena emaphaketheni la abamgadile bengakwazi ukumlandela kalula, bese ededela izinguzunga zamashodi. 

Uma ezithola evaleleke ekhoneni, kulapho echuma, ngokuchaza kwabamazi kangcono. 

Ungumdlali othokozela ukuhlasela, acindezelele izimbangi ebhokisini lazo, kanti nepali uyalikhahlelela futhi izinombolo zakhe ziyakusekela lokhu.

Amakhosi ashoda ngomdlali odlala unombolo 10 – umdlali ozohlanganisa ibhola elikhangayo nokuqedela umsebenzi. 

Kule minyaka akuyo, u-Ethan Chislett usesikhathini la kufanele akhuphuke khona kakhulu ebholeni kanti lokho kuqondana kahle nokwakhiwa kabusha kweqembu eNaturena.

Ukufika kwakhe kungaqeda inkinga yomdlali oqala iminyakazo yokuhlasela, ahlanganise kahle iqembu – abe yinhloziyo yeqembu.

Abalandeli bagcwale ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi kuqubuka amahlebezi okusayinwa kwakhe.

Abaningi bamemezele ukufika komdlali wasesiswini onezinwele ezigelengayo njengalezo ezibonaka kwimifanekiso kaJesu waseBhayibhelini.

Abanye bavele babona Amakhosi esethole ‘uMsindisi’ wangempela, ozokwenza leli qembu libe ngcono. 

“Uma ezodlala njengendlela abukeka ngayo,” kubhala omunye kwi-X, “imithandazo yethu isiphenduliwe!”

Uma kwenzeka egcina ngokusayinwa ngampela, lo mdlali kuzomele azi ukuthi amehlo eningizimu yonke azobe ekuye.

Futhi yinke iminyakazo yakhe enkundleni izocwaningisiswa – yilabo ababheke ubuhle, nalabo abafuna izici ezimbi. 

  • Indawo adlala kuyo: Udlala esiswini ngokuhlasela (U-No. 10).
  • Iminyaka: Una-26. 
  • Indabuko yakhe: Wazalelwa eThekwini, wacijwa enkulisa yeSouthampton.
  • Isitayela sokudlala: Ubukhali uma kuyiwa phambili, kuhlaselwa. Uthanda ukungena ezikhaleni, avulele ozakwabo umdlalo.
  • Yini ayiletha kwiChiefs?: Ubuciko, ubungcweti, nonyawo oluhle ekukhahleleni ipali.
  • Akushilo: “Ayikho into engiyithanda ukwedlula ukushaya amagoli… akukho okunye.