EzintshaKaizer Chiefs

Ngabe iChiefs yenza kahle uma engekho uNabi? Iphini liyaphawula

Abanye babalandeli banomcabango wokuthi inkinga nguye uNabi. Bakufakazela lokhu ngokuthi iqembu lenza kahle njengoba engekho nje.

UNabi waphoqeleka ukuphuthuma ekhaya eTunisia ngaphambi kokuqala kwesizini kulandela ukuthi umkakhe ebe sengozini yemoto, wasala elimele kabi. 

Iphini likaNabi, uKhalil Ben Youssef – oqeqesha ngokubambisana noCedric Kaze njengoba uNabi engekho – lithi alikho iqiniso ekutheni izinto zihamba kahle ngoba akekho uNabi. 

“Ngicabanga ukuthi indaba yokuthi umqeqeshi ukhona noma akekho (ayisho lutho),” kusho uBen Youssef kwabenzindaba kuleli sonto. 

“Siyithimba labaqeqeshi elisebenza ndawonye futhi sonke siyakwazi esikwenzayo, siyaxhumana nsukuzonke. 

“Yonke into esiyenza ejimini siyakhuluma ngayo kuqala, siyaxhumana ngeZoom namanye amalungu ethimba labaqeqeshi ukuze sixoxe ngamacebo. 

“Sizilungiselela sonke ndawonye. Yebo, ngokomzimba umqeqeshi uNabi akekho lapha, kodwa ukhona ngokomoya, sindawonye, siyithimba elihlangene. 

“Siyasizana, futhi asicabangi ngokuthi ubani okhona lapha noma ongekho – ithimba labaqeqeshi libambisene, lisebenzisana kahle,” kwengeza uBen Youssef.