
UNdlovu uthathe ekaSirino kweliqala koweChiefs neRichards Bay
USiphesihle Ndlovu uzowuqala okokuqala umdlalo uma iKaizer Chiefs seyibhekene neRichards Bay emdlaweni wayo wesithathu weBetway Premiership ngoLwesithathu.
Lo mdlali odabuka eMgungundlovu ungene esuka ebhentshini emidlalweni emibili edlule, wafika wenza umehluko obonakalayo.
Nokho kube kodlule, la iChiefs ishaye khona iPolokwane City ngo 1-0 la efike waba yiqhawe khona – nguye oshaye igoli enqobe ngalo lo mdlalo.
IChiefs izobe ibheke ukuqhubeka nomgqigqo wayo omuhle uma seyibhekene neRichards Bay – ikakhulukazi njengoba izobe isekhaya eFNB Stadium.
Lo mdlalo uzoqala ngo-7.30 ebusuku. IChiefs isanerekhodi elihle kule sizini njengoba isayinqobe yomibili imdlalo esayidlalile.
Lokhu sekwenyuse ukuzethemba eqenjini nakubalandeli njengoba behambela phezulu kulezi zinsuku, ungafunga ukuthi iqembu labo selivele lisinqobile isicoco.
Kodwa ke, njengoba kwaziwa, kuzomele izibambe ziqine kwiRichards Bay kwazise inakho ukuyiphazamisa kusukela isadlala esigabeni sokuqala.
Nokho ngaphansi kwabaqeqeshi ababambile, oCedric Kaze noKhalil Ben Youssef, Amakhosi aseza kahle kakhulu.
Laba baqeqeshi – abangamaphini kaNasreddine Nabi – babambe ngoba engekho lo mqeqeshi oyinhloko kulezi zinsuku.
FUNDA NALA | UMakaab uthi akamazi kwakumazi uMashego ‘ohlebe’ ngaye
Nokho bayakugcizelela ukuthi konke abakwenzayo bakuthathisa kuye, futhi yize ebathemba ngezinqumo ezifana nokuqoka iqembu eliqala umdlalo, bayamazisa konke abakwenzayo.
IChiefs ibophele kanje kulo mdlalo:
- Abaqalayo (4-5-1): Petersen – Monyane, Cross, McCarthy, Miguel © – Shabalala, Lilepo, Cele, Mthethwa, Ndlovu – Duba.
- Ebhentshini: Ntwari, Frosler, Kwinika, Mako, Ngcobo, Sirino, Mmodi, Vilakazi, Hlongwane.
