EzintshaKaizer Chiefs

UNabi uyakubona ukukhanya, udinga iminyaka emibili

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, uthi amawindi okusayina abadlali amabili alandelayo abalulekile ekuphuculeni iqembu lakhe.

UNabi, ojoyine iChiefs ngoJulayi, ubelokhu enxusa ukutholelwa abadlali abasezingeni eliphezulu. 

Ngemuva komdlalo wabo wakamuva neTS Galaxy, ucele esidlangalaleni “isipho sikaKhisimusi” okungabadlali abasha.

“Iwindi laphakathi nesizini newindi elikhulu ngoJuni abalulekile,” kusho uNabi. 

“Sidinga abadlali abanolwazi, abakulungele futhi abanobuhlakani bokuncintisana kuleli zinga.”

IChiefs isibhekane nokugxekwa ngabalandeli iminyaka eminingi ngenxa yokuhudula izinyawo uma kuvulwe iwindi lokusayina abadlali. 

UNabi ufike sekwephuze kakhulu ngoJulayi ukuthi ubesangabathola abadlali abanohlonzo. 

Kodwa ukholelwa ekutheni ikilabhu isikulungele kangcono ukuhlola nokuthenga abadlali abasezingeni eliphezulu.

UNabi ulinganisela ukuthi kuzothatha amawindi amathathu ukuze kwakhiwe iqembu elizokwazi ukuncintisana ngokufanele namanye. 

“Leyo yindlela efanele yokwenza izinto ebholeni,” kwengeza uNabi.

IChiefs isendaweni yesishiyagalolunye kwiBetway Premiership, isele ngamaphuzu angu-12 kwiMamelodi Sundowns ezihola phambili. 

Ukuthola indawo kwezokuyodlala kwiCaf Champions League kubonakala kungenakwenzeka kule sizini.

Naphezu kwezinselelo, uNabi uyayibona inqubekelaphambili ngemuva kwezinyanga ezinhlanu ekulo msebenzi. 

“Ngemuva kwezinyanga ezinhlanu ngikholwa wukuthi sihamba ngendlela efanele yize silahle amaphuzu budedengu,” uqhube kanje.

IChiefs iyiqale kahle isizini, yanqoba imidlalo emithathu kwemine yokuqala. 

Nokho, bawine umdlalo wabo owodwa kweyisikhombisa edlule, okuhlanganisa nokuhlulwa ngo 4-0 yiSundowns kwiCarling Knockout. 

Leli qembu liphinde libe nerekhodi elibi kunawo wonke ekuvaleni emuva kwiligi, njengoba lingenelwe amagoli angu-13.

UNabi usazibophezele endleleni yakhe yokudlala futhi usekelwa ngokugcwele yibhodi. 

IChiefs manje isisonyakeni weshumi ingenayo indebe, kodwa uNabi uzimisele ngokusiqeda leso somiso.