EzintshaKaizer Chiefs

UKhune unuka uNabi ngokubhacaza kukaSaile kwiChiefs

Owayengunozinti weKaizer Chiefs manje osengumhlaziyi kamabonakude, u-Itumeleng Khune, useveze imicabango yakhe ngoChristian Saile.

USaile unengcindezi yokuthi anyuse amasokisi kwiChiefs kanti amahlebezi akamuva aveza ukuthi uzolifulathela leli qembu laseNaturena. 

IChippa United kubikwa ukuthi ihamba phambili emaqenjini afuna ukubolekwa lo mgadli waseCongo. 

Iqembu lakhe lakudala, iNchanga Rangers, nalo linentshisekelo yokumbuyisela eZambia.

USaile ujoyine iChiefs ngoJanuwari 2023 ngenkontileka yeminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha. 

Kule sizini ulithola amacozucozu ijezi ngaphansi kukaNasreddine Nabi kanti uKhune akakuboni kujika lokhu. 

UNabi umshintshile lo mdlali, umdlalisa phambili phakathi nenkundla kanti ngokukaKhune ubeyingozi uma eqhamuka ophondweni.

UKhune, odlale noSaile amasizini amabili kwiChiefs, uyakholelwa emandleni alo mgadli. 

Uqhakambise ijubane nekhono likaSaile lokudlula kubadlali basemuva, ethi uba yiphela endlebeni ezitobheni.

“USaile unamandla okugijimisa abadlali basemuva, ebahubhe nebhola,” kusho uKhune kwiSoccerZone. 

“Kodwa akakakhombisi lokhu selokhu umqeqeshi uNabi ethathe izintambo. 

“Uzokhumbula lapho efika, wayevame ukushaya amagoli. Ubejwayele ukugijimisa abadlali basemuva. 

“Ubejwayele ukwakha (amathuba okushaya amagoli) evela ophondweni lwesokudla njengoba yena eyinxele nje.”

UKhune ukholwa ukuthi ukuqala kabusha kwiChippa kuzomsiza uSaile ukuthi aphinde athole ifomu yakhe. 

“Ngicabanga ukuthi iChippa izomsebenzisa (uma igcina imthola uSaile), kodwa ngeKaizer Chiefs, ngiyangabaza,” kwengeza uKhune.