EzintshaKaizer Chiefs

URalani ubabaza ithalente kohalelwa yiChiefs

Owayeyisihlabani seMamelodi Sundonws, uBradley Ralani usencome kakhulu omunye wabadlali okukholakala ukuthi basohlwini lwabafunwa yiKaizer Chiefs. 

Njengamanje uRalani udlalela iqembu leMotsepe Foundation Championship, iHungry Lions yaseNotherm Cape. 

Lo mdlali odabuka eKimberly ubekhuluma nabeSportsnights Amplified kwiMetro FM ngoLwesibili ngesikhathi ekhuluma ngo-Asanele Velebayi.

IChiefs izamile ukusayinisa uVelebayi ngaphambi kokuqala kwesizini kodwa imizamo yayo yabhuntshiswa yiqembu akulo njengamanje.

ICape Town Spurs ifune okungaphezu kwalokho obekubekwe yiChiefs etafuleni.

Yahlambalaza neChiefs, iveza ukuthi ike yazama ukuyiphoqa ukuthi iyidayisele lo mdlali ngokwenza izinto ngendlela engafanele.

ISpurs yaveza ukuthi iChiefs ikhulume nomama kaVelebayi owabe eseya kwiSpurs eyozama ukuphoqa ukuthi bayidedele indodana yakhe.

Kodwa lokho akuzange kusebenze futhi iChiefs yakuphika, bagcina bebuyisana neSpurs.

UVelebayi yena usekhona kwiSpurs futhi udlala kwiChampionship, kodwa uRalani ukholwa ukuthi kufanele ngabe ukwiligi enkulu. 

“U-Asanele Velebayi ungumdlali omuhle kakhulu, ngifisa sengathi abantu bangabona ebengikubona ekwenza ejimini,” kusho uRalani kulolu hlelo. 

“Akakumfanele ukudlala kumaligi aphansi. Ufanelwe wukudlala kwiBetway Premiership njengamanje.”

Akukacaci ke noma iChiefs isaqhubeka nokuphishekelela uVelebayi kuleli windi lokudayiselana ngabadlali noma isidlulele kwabanye.