EzintshaKaizer Chiefs

UNabi unikeziwe amathuluzi abewafuna – isikhulu seChiefs

Amakhosi angelinye lamaqembu abematasatasa emakethe yokuhwebelana ngabadlali, asayine abadlali abangu-11 njengoba ebheke ukujika izinto kule sizini. 

Kwabanegama kukhona uKhanyisa Mayo noLebohang Maboe kanti kukhona no-Ethan Chislett, uNkanyiso Shinga, uLuke Baartman, u-Asanele Velebayi, u-Etiosa Ighodaro, noSiphesihle Ndlovu.

Ukutshalwa kwemali sekuvele kuyathela. IKaizer Chiefs isinqobe imidlalo emine kwemihlanu yokuqala yeBetway Premiership.

Ayingenelwanga goli emidlalweni emihlanu, kanti isendaweni yesibili kwilogi kodwa iyalingana neSekhukhune United ngamaphuzu angu-13 – ingemuva ngenxa yomehluko wamagoli.

“Ikilabhu izibophezele ekuqinisekiseni ukuthi sinabadlali abaphambili, noma ngabe ngubani umqeqeshi,” kusho uJessica Motaung. 

“Simnika amathuluzi afanele okwenza umsebenzi futhi manje sesilindele ukuthi alethe imiphumela emihle.”

UJessica Motaung nokho unxuse ukuthi kube nesineke njengoba uNabi esahlanganisa kahle iqembu lakhe elisha.

“Ngicabanga ukuthi kubalulekile ukuvumela ithimba labaqeqeshi nabadlali ukuthi bazihlele kahle futhi bahlangane kahle. 

“Sijabule ngabadlali abasha abasayiniwe futhi sibheke ngabomvu ukuthi basize iqembu ukuya phambili.”

Kusobala ukuthi umgqigqo usukhona kuMakhosi. Ukunqoba iNedbank Cup ngesizini edlule kuvuselele ukuzethemba, okuwuguquko olubalulekile.

“Amasango asevuliwe — lokho kubonakala ngendlela iqembu eliqale ngayo. Amandla nesimo sengqondo kuhlukile…

“Hhayi nje kubadlali kuphela, kodwa nakubalandeli. Yonke indebe ibalulekile kithi, futhi ukuyivikela kusezinhlelweni zethu. 

“ICaf nayo ibaluleke kakhulu, futhi sijabule kakhulu ngokubuyela kwiConfederation Cup,” kuqhuba le ntokazi.

Emdlalweni olandelayo, iKaizer Chiefs izobhekana neSekhukhune United ngoSepthemba 16 emdlalweni weligi.

Ngemuva kwalokho izobe seyivakashela e-Angola lapho iyoqala khona umkhankaso wayo kwiCaf Confederation Cup neKabuscorp.