
UNabi ungena ezintangeni ngokwengeza abadlali kwiChiefs
- Sibongiseni GUMBI
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, useveze ukwaneliseka kwakhe ngeqembu lakhe.
Amakhosi aqale umkhankaso wayo weBetway Premiership ngokunqoba kwiMarumo Gallants ngo-2-1, ibuya kade seyilandela ngemuva.
Abadlali abancane abaphume enkulisa yeqembu, oMduduzi Shabalala noMfundo Vilakazi yibo abashaye amagoli kulo mdlalo.
Ngemuva komdlalo, uNabi uncome abadlali abasanda kusayina abadlale indima ebalulekile ekunqobeni kweqembu.
Uqale abadlali abasha abahlanu: oFiacre Ntwari, uRushwin Dortley, uBradley Cross, u-Inacio Miguel, noGaston Sirino.
“Ngijabule ngabadlali abasha. Benze kahle kakhulu namuhla,” kusho uNabi. “Ngihalalisela ikomiti lami nomnikazi (weqembu, uKaizer Motaung) ngokunginika ithuba lokusebenza nabo.”
Njengoba iwindi lokudayiselana ngabadlali kwiPSL livalwa ngoLwesihlanu, uNabi uveze ukuthi kungenzeka angasayini mdlali.
“Asikho isiphakamiso ngomdlali othile engisamukele okwamanje,” kuchaza yena.
“Kumele ngithathe isikhathi sami ngoba lokhu kuyisinqumo esikhulu.
“Kodwa noma singangasayina muntu, ngijabule ngeqembu enginalo njengamanje.”
Ukhuluma kanjena nje iChiefs imataniswa nabadlali ababili, o-Asanele Velebayi no-Oswin Appolis.
Bobabili laba badlali kubhekwe ngabomvu ukuthi kuphothulwe izingxoxo ngabo kuleli sonto elisombulukayo.
NgeSonto iLisenethini ibike ukuthi iPolokwane City seyiyinikile iChiefs imvume yokuxoxa no-Appolis.
UNabi uzoba nesikhathi sokuphinda ahlole lapho anomuzwa wokuthi iqembu lakhe lehluleke khona njengoba umdlalo wabo olandelayo usekude.
OLUNYE UDABA: Ulingwe yini uMaduka eqalisa u-Andile Mpisane? Uyachaza
Banesikhathi sokuphumula kule mpelasonto, futhi bazovakashela AmaZulu ngoSepthemba 25.
