EzintshaOrlando Pirates

U-Appollis uphawula ngempilo entsha kwi-Orlando Pirates 

Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala, ojoyine iPirates esuka ePolokwane City ngesonto eledlule, usevele wenza kahle eSpain lapho iqembu lilungiselela khona isizini entsha. 

Udlale kuyo yomibili imidlalo yobungani — behlulwa ngo 2-0 yiBolton Wanderers nokudlala ngokulingana ngo 1-1 nompetha baseCyprus, iPafos FC.

Futhi umzuzu omkhulu ka-Appollis ube ngesikhathi ephasela uRelebohile Mofokeng ibhola elihle ukuthi bathole igoli lokulinganisa kwiPafos.

“Ukudlalela le kilabhu enkulu kuyinto engenza ngizizwe ngihloniphekile,” kusho u-Appollis ekhuluma noThomas Mlambo weSuperSport beseMarbella. 

“Ngikhule ngibuka iPirates kumabonakude… manje ukugqoka leli jezi kusho lukhulu kimina.”

U-Appollis uncome uDeano van Rooyen ngokumsiza ukuthi azinze ngokushesha kwi-Orlando Pirates. 

“Uhlale engitshela ukuthi kumele ngisebenze kanzima futhi ngihlale nginethemba. Kodwa bonke abadlali bangemukele kahle… 

“Bebelokhu bengitshela ukuthi ngingabi namahloni futhi ngingasabi ukubuza nganoma yini engiyidingayo.”

U-Appollis uzothemba ukuba nomunye umdlalo omuhle lapho i-Orlando Pirates isibhekene neLas Palmas ngoLwesine ngo-7pm.

Umdlali wasemuva onomava nongomunye wokaputeni, uTapelo Xoki unxuse iqembu ukuthi lakhele ekusebenzeni kwalo kemdlalweni wePafos. 

“Sikhombise ukuhlangana kahle, futhi ukusebenze nje kukonke bekungcono. Manje sesigxile koweLas Palmas. Ngiyathemba sizothola iwini yethu yokuqala.”

Khonamanjalo, ngoMsombuluko iPirates yengeze omunye umdlali omuhle uma kuyiwa phambili ngokumemezela ukusayinwa kukaKamogelo Sebelebele obekwiTS Galaxy. 

Ukusayina kwakhe kuze ngemuva kosuku leli qembu liveze ukuthi selithengise uMohau Nkota kwi-Al-Ettifaq edlala kwiSaudi Pro League.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO