EzintshaMamelodi Sundowns

U-Allende uphawula ngesimo senkontileka kwiSundowns

Isikhathi siyaphela, kodwa umdlandla awuguquki. Leso yisethembiso somdlali wasesiwini weMamelodi Sundowns, uMarcelo Allende.

Lokhu ukuveze ngesikhathi ekhuluma ngokuphelelwa kwakhe yinkontileka ekupheleni kwale sizini. 

Ubekhuluma ngaphambi komdlalo obalulekile weSundowns we-FIFA Intercontinental Cup la izobhekana khona neqembu elikhulu laseSaudi Arabia, i-Al Ahli.

Lo mdlalo uzoba seLoftus Stadium ePitoli ngoMgqibelo — uzoqala ngo-3 ntambama.

Lo mdlali waseChile ukwisizini yakhe yesihlanu namaBrazilians, awajoyine ngoJulayi 2022. 

Nokho u-Marcelo Allende uthi okubalulekile njengamanje wukusiza iMamelodi Sundowns iphumelele, ngisho noma imibuzo ngekusasa lakhe iqhubeka ikhula. 

Wasayina isivumelwano seminyaka emithathu enombandela wokwengeza emibili, esimbophezela kuze kube nguJuni 2027.

Ngaphandle kwezimpawu zokuthi kukhulunywe ngesivumelwano esisha, lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala usengase asondele ezinyangeni zokugcina zesikhathi sakhe esihle eChloorkop.

“Ngicabanga ukuthi ngiyiphrofeshinali kakhulu,” kusho u-Allende ngalesi simo sakhe. 

“Ngikunyaka wami wokugcina lapha okwamanje, futhi ngihlale ngizama ukwenza okusemandleni ami kuze kube sekugcineni. 

“Njengomdlali ngizohlala ngenza okusemandleni ami kulokho engikwenzayo esikhathini esizayo…

“Umndeni wami owangifaka lowo mqondo, futhi ngizowuhlonipha njalo.” 

La mazwi akhe aphinda lokho ayekushilo ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, lapho aveza khona ukuthi akukho zingxoxo ezikhona ngokuvuselela inkontileka. 

Ngaleso sikhathi, u-Marcelo Allende wathi ugxile emsebenzini wakhe nasekusekeleni ozakwabo kwiMamelodi Sundowns.