
Umunyu owe-Orlando Pirates ebhoboka ngokushonelwa wuntwana
Umdlali omusha we-Orlando Pirates, uDaniel Msendami useveze isimo esamphazamisa eqeda kusayina kuleli qembu.
UDaniel Msendami ujoyine i-Orlando Pirates ethwelwe ngeqoma esuka kwiMarumo Gallants ngoJanuwari.
Kodwa kuze kube manje akakangeni kahle eqenjini eliqala imidlalo futhi ijezi ulithola amacozucozu.
Nokho useyisethenjwa eqenjini lesizwe langakubo eZimbabwe futhi ubebiziwe njengoba kade kunekhefu lemidlalo leFifa.
Ubuzwe ngalo mnyakazo wakhe nokuthi ingabe usawubona waba ngofanele yini njengoba engadlali njalo nje.
“Kube wumnyakazo omuhle kakhulu kimi,” kusho uMsendami. “Kube yisinyathelo esingisa phambili.”
Kodwa ube eseveza ukuthi kwaba nenkinga ebhekene naye ngqo eyamehlela eyamphazamisa esanda kuthuthela kwiBucs.
“Kwaba umyakazo omkhulu impela. Kodwa ngib nesimo somndeni esingilimaza kakhulu engibhekana naso.
“Kodwa ngiyazama ukukhula nokuthi ngidlule kuso, futhi nginesiqiniseko ukuthi kuzokwenzeka.
“Ngizojwayela eqenjini bese ngenza kahle ngokuhamba kwesikhathi,” kuqhuba yena.
Uthe wehlelwa yishwa lokushonelwa untwan wakhe kungakapheli sikhathi esitheni esayine kulezi zinkunzi zaseSoweto.
Washonelwa umntwana wakhe wentombazane obesenezinyanga ezimbili nje kuphela ezelwe.
Njengoba sezibheke entanjeni kwiBetway Premiership, uDaniel Msendami uzothemba ukusiza i-Orlando Pirates igcine inqobile.
Leyo kungaba yindlela enhle kakhulu yokuhlonipha indodakazi yakhe.
