
UMotsepe ubhoboka ngesimo sikaCardoso kwiSundowns
Usihlalo weMamelodi Sundowns, uThlopie Motsepe usekhulume ngamahlebezi okuthi kungase kube noshintsho ethimbeni eliqeqesha leli qembu.
UMotsepe usicacisile ukuthi ikilabhu imephi ngomqeqeshi oyinhloko uMiguel Cardoso ophakathi komkhankaso oyinselelo ka-2025/26.
Izikhalo zokuxoshwa kukaCardoso seziyinto evamile emidlalweni yeMamelodi Sundowns, ikakhulukazi ngemuva kwemiphumela emibi.
Ekhuluma ngesikhathi kwethulwa ubudlelwano bale kilabhu neGlobal Soccer Schools eMidrand, uMotsepe uphawule ngalolu daba.
UKUCACISA ISIMO
UMotsepe ugcizelele ukuthi nakuba ikilabhu inesifiso sokuvelela, ayikho le yokuthi bazokwenza izinguquko ngenxa ‘yokwehla kwefomu’.
“Angicabangi ukuthi sike sathi uma izinto zingahambi kahle, sizoxosha umqeqeshi. Ngifuna ukukucacisa lokho,” kusho uMotsepe.
“Uma ubheka lapho sikhona — silwela isicoco seligi futhi sisekhona nakwiChampions League — anginaso isiqiniseko sokuthi lokho kungagunyaza isinqumo esisheshayo noma esinqala.”
UMONGO WESIZINI
IMamelodi Sundowns ibhekane nesimo esinzima kule sizini, ishwebe iMTN8, iCarling Knockout, neNedbank Cup.
Kodwa-ke, uMotsepe ukhombe ukuqina okukhonjiswe yithimba labaqeqeshi njengoba emjahweni wesicoco seligi kusahamba kahle.
Yizinkani zababili phakathi kweSundowns ne-Orlando Pirates embangweni walesi sicoco seBetway Premiership.
ISundowns ikwazile nokungena esigabeni somkhumulajezi kwiCaf Champions League.
UMotsepe unxuse abalandeli ukuthi basibuke ngelinye iso isimo seqembu, ephawula ukuthi ukudlala izindebe eziningi kube nomthelela.
“UYAZIQHENYA”
Naphezu “kokuphoxeka okukhulu” ngokuhluleka kwizindebe zakuleli, uMotsepe ugqamise “ushintsho olubalulekile” alubona eqenjini kusukela kuqale lonyaka.
Uthi isimo siyafana nesesizini ka-2016, lapho ikilabhu yayibhekene nobunzima obukhulu ngaphambi kokuthi inqobe iChampions League.
“Okwenze ngaziqhenya kakhulu wukubona ukuqina iqembu elikukhombise ngaphansi kwengcindezi,” usho kanje.
“Nginethemba elikhulu, ngiyaziqhenya kakhulu, futhi ngikhuthazwa kakhulu ukubona ukuthi iqembu liyaphi.”
Nakuba uCardoso esalokhu engaphansi kwengcindezi, ukwesekwa usihlalo kuphakamisa ukuthi umsebezi wakhe eChloorkop usaphephile – okwamanje.
FUNDA NALA | UMbesuma uveza okwenza uPetersen abe ngcono kunoChaine
KwiMamelodi Sundowns, ukugxila manje sekushintshela ngokuphelele ekusimamiseni ifomu yeligi nokulwela iChampions League.
Emdlalweni wayo olandelayo izohlangana neSekhukhune United esendaweni yesithathu kwilogi ngeSonto.
