Bafana BafanaEzintsha

UMosimane uxwayisa iBafana ngobungozi bukaBenni neKenya

Umqeqeshi kaBafana Bafana, u-Pitso Mosimane, usexwayise abadlali ngobungozi bokuthatha kancane iKenya ngaphambi kwemidlalo emibili yokuhlungela i-Africa Cup of Nations ka-2027.

INingizimu Afrika izobhekana neKenya emidlalweni elandelanayo, kanti uMosimane ugcizelele ukuthi kumele bayihloniphe kakhulu leli qembu nomqeqeshi walo, uBenni McCarthy.

UMosimane uthi iKenya akumele ithathwe kalula, ikakhulukazi njengoba ikusasa likaMcCarthy lincike kwimiphumela yale midlalo.

“Uma ikusasa lomdlali noma lomqeqeshi lincike emdlalweni, kumele uqaphele kakhulu. 

“Kwesinye isikhathi abadlali badlalela yena, bese ungathola isimanga esikhulu kunazo zonke,” kusho uMosimane.

“Kumele uqaphela kakhulu uma udlala neqembu eliqhutshwa yimizwa, ikakhulukazi uma lingakhathalele lutho. 

“Selivele liyingxenye yemidlalo ye-Africa Cup of Nations (ngokuba ngosokhaya). Ngeke sibathathe kalula.”

U-Pitso Mosimane uphinde wancoma izinga likaMcCarthy njengomqeqeshi, wathi lifanelwe ukuhlonishwa.

“Kumele ukuhloniphe ukuthi uBenni ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu. 

“UBenni wake waqeqesha kwiManchester United, okuyiphupho lanoma yimuphi umqeqeshi waseNingizimu Afrika,” kuqhuba yena.

“Uke waqeqesha uRonaldo, ake ngikukhumbuze. Kumele uhloniphe izinga afike kulo njengomqeqeshi naleli ayefike kulo njengomdlali. 

“Akekho kithina kuleli zwekazi onendondo yeChampions League.”

Uphinde waveza ukuthi iKenya inabadlali abaningi abadlala emazweni ase-Europe okubalwa i-England, iSpain, iFrance neWales. 

Ubuye wasebenzisa isibonelo seCape Verde neqhaza layo eNdebeni yoMhlaba, exwayisa ngokubukela phansi izimbangi.

“Qaphela ukubukela phansi amaqembu. Kumele uhloniphe zonke izimbangi zakho. 

“Konke kunqunywa enkundleni. Kuze kube unompempe eshaya impempe yokugcina, awukwazi ukusho ukuthi uwunqobile umdlalo.

“Angikaze ngibe nomqondo wokuzethemba ngokweqile ngoba sengike ngahlulwa amaqembu abesezansi kakhulu ezilinganisweni zomhlaba, lawo abizwa ngokuthi mancane,” kusho yena.

IBafana uzobhekana neHarambee Stars kaMcCarthy emlenzeni wokuqala ozodlalelwa e-Orlando Stadium ngoLwesihlanu, ngaphambi komdlalo womlenze wesibili ozoba seNairobi, eKenya.

Le midlalo emibili ibaluleke kakhulu kumathema ka-Pitso Mosimane neBafana okuzibekisela indawo ku-Africa Cup of Nations ka-2027.