
UMorris ‘ushwebise’ umlandeli weChiefs i-airtime
UTashreeq Morris udlale umdlalo wakhe wokuqala kwiKaizer Chiefs ngoLwesibili ebusuku.
Ukusayina kwakhe kuleli qembu kulandelwe wukuthimula kwabanye babalandeli nezingqapheli.
Bekunezinkonondo ngokuthi akekho ezingeni elifanele lokuthi engaze asayinwe yileli qembu elingelinye lamakhulu kuleli.
Kodwa ngemuva kokuvunywa uDeon Hotto we-Orlando Pirates ukuthi ungimgadli osezingeni, nenkakha yeChiefs uDoctor Khumalo, abalandeli bamemukele.
UMorris akadlalanga ngempelasonto edlule iChiefs ibhekene nePirates ngenxa yokuthi ubesaqedela isigwebo sekhadi elibomvu.
Leli khadi waliqoqa ngesikhathi ekwiSuperSport United bebhekene neSekhukhune United, wafika nalo eNaturena.
Abanye abadlali abasha beChiefs – oThabo Cele, noGlady Lulepo – bona badlalile kulo mdlalo wedabhi.
Kuthe uma kuzwakala ukuthi uMorris useqenjini elizoqala umdlalo ngoLwesibili ebusuku, omunye wabalandeli beChiefs waqagula ukuthi uzobingelela ngegoli.
UNhlanhla Mudanisi uphendule iChiefs kwi-X, wathi unomuzwa wokuthi uMorris uzoyibhakuzisa inethi.
IChiefs ibe seyimthembisa ukuthi izomgixabeza ngesigaxa se-airtime uMudanisi uma lokhu kwenzekile.
Kucishe kwenzeka ngesikhathi iChiefs ishaya igoli lokuqala. UMorris ubephakathi kukanozinti woSuthu uRichard Ofori nesitobha uRamahlwe Mphahlele.
Uphazamise unozinti, walibamba walidedela ibhola. Kuke kwangathi uyena olichilizele enethini futhi naye walijabulela sengathi ngelakhe.
Uze waqabula umhlabathi uma beqeda ukulijabulela igoli, futhi abaningi bebethi lishaywe uyena.
Kodwa kubuye kwavela ukuthi empeleni ibhola lishayise kuMphahlele labe seliyokhalakathela enethini.
UMorris uzamile ukuthola igoli, futhi ucishe walithola njengoba ebewuhlupho ezitobheni zoSuthu.
Kodwa ngomzuzu ka-82 ukhishiwe, indawo yakhe yathathwa uRanga Chivaviro, kwaphela kanjalo nge-airtime kaMudanisi.
