
I-Orlando Pirates ihlola isibabuli somgadli waseZambia
Ziyaqina izinhlelo ze-Orlando Pirates zokuqinisa iqembu ngesizini ezayo njengoba seyimeme umgadli waseZambia ngenhloso yokumhlola.
Uma ithola ukuthi uyilokhu ekufunayo, angase asayinwe njengomunye wabadlali okuzoqiniswa ngabo iqembu ngesizini ezayo.
AmaBhakabhaka kubikwa ukuthi ahlose ukuvuselela kabusha isikwati sayo ngesizini ezayo ukuze yenyuse izinga layo.
Kuvela ukuthi abadlali abafana noZakhele Lepasa, Karim Kimvuidi noMiguel Timm bangase babe yingxenye yalabo abazokhululwa.
Manje imibiko evela eZambia iveza ukuthi umgadli weChipolopolopolo u-Andrew Phiri uzilolonga ne-Orlando Pirates.
Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala njengamanje udlalela iFC Muza edlala esigabeni esiphezulu eZambia.
Isikhulu saleli qembu uJoel Kabika utshele iBolanews ukuthi nebala uPhiri akekho eqenjini njengoba ehlolwa futhi ezohlala izinsuku eziyishumi kumaBhakabhaka.
“Ngingaqinisekisa ukuthi uhambile uyohlolwa, impela kunjalo,” uKabika ucashunwe esho kaje kulo mbiko.
“Uzobe engekho izinsuku ezingu-10 ezizayo. Basamhlola; akukho okuvunyelwene ngakho njengamanje.”
UPhiri uqubule umsindo ekuqaleni kwale sizini ngesikhathi kubikwa ukuthi akafikanga ejimini yeqembu lakhe ngesikhathi kulungiselelwa isizini.
Ngaleso sikhathi kubikwe ukuthi ubezama ukuphoqa le kilabhu ukuthi imkhulule.
IFC Muza kuthiwa ibeke isigatshana sokukhululwa ngemali engu-K2 million (cishe u-R1.2 million ngemali yakuleli) kwinkontileka kaPhiri.
Nokho uPhiri, obedlala eqenjini leZambia kwiCosafa Cup eNingizimu Afrika ngo-2024, wagcina ebuyelile eqenjini.
UPhiri ushayele iFC Muza amagoli amabili kwiCaf Confederation Cup ngesizini edlule.
Ngokwezibalo zangoFebhuwari, uPhiri ubeseshaye amagoli ayisikhombisa kule sizini kwiFC Muza esigabeni esiphezulu eZambia.
Uma egcina kwi-Orlando Pirates, uzojoyina uhlu olude lwabadlali baseZambia abazakhele igama kuleli qembu laseSoweto.
Phakathi kwabo kukhona ongasekho uDennis “Chesa Mpama” Lota, u-Isaac Chanca, uPerry “The Principal” Mutapa, Austin Muwowo noJustin Shonga.
