AmaZuluEzintsha

UKambindu ubheke ukusiza Usuthu lubuye nomgodla wamaphuzu

 AmaZulu azohluthulana neChippa United emdlalweni weBetway Premiership ngoMgqibelo ntambama.

Usuthu luya eBuffalo City Municipality Stadium lufuna ukunqoba ngemuva kokuhlulwa kulandelana yiStellenbosch neMamelodi Sundowns. 

Luhlezi endaweni yesikhombisa kwilogi ngamaphuzu angu-30, kanti lusele ngamahlanu kwiStellies esendaweni yesithathu.

Njengoba luzibekele ukuqeda ezindaweni ezine eziphezulu kwilogi, Usuthu ludinga amaphuzu aphelele lube sesimweni sokufeza lokhu. 

Umqeqeshi u-Arthur Zwane ukwazile ukusala neningi labadlali bakhe ngesikhathi sekhefu lemidlalo yeFifa lakamuva.

Lokhu kwenze ukuthi akwazi ukuwulungiselela kahle lo mdlalo neminye elandelayo njengoba sekuyiwa ngasekusongweni kweligi. 

U-Elmo Kambindu, obengekho ngalesi sikhathi njengoba ebeseqenjini lesizwe laseNamibia, ukujabulele ukubuya futhi uncome imizamo yozakwabo.

“Abafana bebesebenza kanzima ngaphambi komdlalo neChippa,” kusho u-ElmoKambindu.

Lo mdlali oneminyaka engu-31 ubudala ubhekene neqembu lakhe lakudala njengoba Usuthu lumlande kade edlala kwiChippa.

Ujoyine AmaZulu ngoJanuwari kanti uthi ulindele impi enzima kozakwabo bakudala, kodwa yena usegxile Osuthwini.

“Bayayazi indlela engidlala ngayo, kodwa lokho ngeke kungivimbe ekwenzeni kahle kulo mdlalo.

“Ngizosebenza kanzima, ngishaye amagoli, ngisize iqembu lami linqobe,” kusho yena.