U-Ofori uluhlinzele ezibini Usuthu, uZwane uyambandaza
AmaZulu FC anenkinga kanozinti, futhi nakuba umqeqeshi u-Arthur Zwane egakuvumanga lokhu esidlangalaleni, kodwa uyakwazi.
Leli qembu laseThekwini belingase liphume kalula namaphuzu aphelele libhekene neKaizer Chiefs ngoLwesibili ebusuku.
Kodwa amaphutha kanozinti uRichard Ofori aphe iChiefs amagoli ayo amabili lamaqembu ebambana ngo 2-2 eFNB Stadium.
IChiefs ihambe phambili ngomzuzu ka-18 ngesikhathi u-Ofori ehluleka ukuqoqa ibhola ebelibukeka lilula.
Kugcine ngokuthi uRamahlwe Mphahlele, obewa kade ezama ukulingqofa, aliphushele enethini yangakubo.
Kodwa Usuthu lukwazile ukubuyela emdlalweni ngesikhathi uTsepang Moremi eshaya igoli elihle kakhulu.
Futhi kuke kwabukeka sengathi luzonqoba ngesikhathi luhamba phambili sekusele imizuzu engu-30 ngegoli lika-Elmo Kambidu.
Kodwa u-Ofori uphinde wenza elinye iphutha, waphuthaza elinye ibhola qede walidonsa enethini yakhe.
Womabili la maqembu abe namanye amathuba amahle okuntshontsha amaphuzu aphelele kodwa awakwazanga ukulifaka ibhola enethini.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uZwane uvumile ukuthi amaphutha ka-Ofori kungenzeka ukuthi abe nesisindo esikhulu kulo mdlalo.
“Ngesikhathi sesilandela ngemuva, bebengashaya kalula amanye amagoli amabili noma amathathu ngaphezulu.
“Kodwa u-Ofori ukwazile ukusikhipha otakwini, asigcine emdlalweni,” kusho uZwane.
“Ngeshwa ibhola liwumdlalo wamaphutha, futhi ngezinye izikhathi lapho ingcindezi ikhula, nakanjani uzowenza lawo maphutha.
“Wenze lawo maphutha amabili abe mabi obekungathi nganoma yiluphi olunye usuku awavimbe nje futhi kalula.”
UZwane uthe bazomeseka u-Ofori futhi baqinisekise ukuthi uyawadlulisa ngokushesha la maphutha.
“Manje sekukithi njengabaqeqeshi ukuzama ukumsiza ngokomqondo ngoba siyamdinga.
“Ubelokhu esenzela kahle kakhulu eqenjini,” kwengeza uZwane.