Ezintsha

UMolefi Ntseki usekikhiphile ibutho aya nalo empini yeChan

UNtseki uzohola iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika elizomela izwe kwi-African Nations Championship (Chan).

Umqhudelwano weChan uzoba se-East Afrika emazweni amathathu – iKenya, iTanzania ne-Uganda phakathi kuka-2 no-30 Agasti.

ISouth African Football Association (Safa) isikuqinisekisile ukuthi nguNtseki uzohola iqembu lakuleli kulo mqhudelwano.

UMolefi Ntseki ememezele isikwati azohamba naso wathi ukubheke ngabomvu ukuhola leli qembu emidlalweni yezwekazi.

“Sifuna nje ukuthatha leli thuba sibonge iSafa Technical Committee ngokusinika ithuba lokuhola leli qembu emqhudelwaneni weChan. 

“Sesilihlanganise iqembu elizomela iNingizimu Afrika emqhudelwaneni weChan,” kusho lo mqeqeshi.

“SikuGroup C kanti iqembu esilikhethile lihlanganiswe kakhulu ngabadlali esiqale ngabo lolu hambo. 

“Ngakho sibheke ngabomvu umqhudelwano nokwenza konke okusemandleni ethu. 

“Sifuna nje ukubonga emaqenjini nakubaqeqeshi abakwazile ukukhulula abadlali beqembu lethu leChan ukuze sibe neqembu elihle eliya kulo mqhudelwano.”

Usihlalo weSafa Technical Committee, uJack Maluleke, uthe uMolefi Ntseki unikezwe ithuba lokuqeda akuqalile ngemuva kokufaka iqembu kule midlalo ngasekuqaleni kwalo nyaka. 

“Nguye osifikise kulesi sigaba sohambo futhi kulungile ukuthi aqedele umsebenzi emqhudelwaneni weChan uqobo,” kusho uMaluleke. 

ElaseNingizimu Afrika lishaye i-Egypt neMalawi emizuliswaneni yokuhlunga ukuze lingene kulo mqhudelwano.

Isikwati sizoqoqana eGoli ngoLwesihlanu lapho lizobe lizinze khona ekhempini kuze kube liya e-Uganda ngo-Agasti 3. 

Lo mqhudelwano uzoqala ngo-Agasti 2 eDar es Salaam ngomdlalo ophakathi kosokhaya iTanzania neBurkina Faso eBenjamin Mkapa Stadium.

ElaseNingizimu Afrika liqhathwe kuGroup C ne-Uganda, iNiger, iGuinea ne-Algeria. 

Iqembu likaNtseki lizodlala umdlalo walo wokuqala ne-Algeria ngo-Agasti 8. 

  • Onozinti: Kopano Thuntsane, Andile Mbanjwa
  • Abasemuva: Wayde Jooste, Malibongwe Khoza, Samukelo Xulu, Siyanda Msani, Tebogo Tlolane, Kwanda Mgonyama, Terrence Mashego, Ramahlwe Mphahlele, Thabang Malaoa, Harold Majadibodu, Keagan Johannes
  • Abasesiswini: Thamsanqa Masiya, Ndabayithethwa Ndlondlo, Neo Maema, Menzi Masuku, Momelezi Dlambewu, Fortune Makaringe, Rowan Human, Keagan Dolly 
  • Abagadli: Zakhele Lepasa,  Luvuyo Phewa, Thabiso Kutumela, Ntando Nkosi

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO