
Ukunqoba indebe akuzifihli izinkinga ezijulile zeKaizer Chiefs
I-Kaizer Chiefs kungenzeka ukuthi iyiphakamisile iNedbank Cup, kodwa ukunqoba le ndebe akusho ukuthi sekukuhle konke kuleli qembu laseNaturena.
Impela umqeqeshi uNasreddine Nabi uqede indlala yesikhathi eside yezindebe, kodwa imibuzo ngaye isamile.
Ngabe nguyena ngampela ozokwazi ukubuyisela iGlamour Boys eqenjini eyayiyilo kudala?
Ukudlala ngokulingana ngo 1-1 neSekhukhune United emdlalweni weBetway Premiership kucacise konke ngesizini yeChiefs: ayikhuthazi, ayijabulisi futhi indadazela ndawonye.
Sekusele umdlalo owodwa nje vo, kanti Amakhosi ahlezi endaweni yesishiyagalolunye kwilogi — okuyindawo engaphandle kweMTN8.
Lokho akuyilungele neze ikilabhu esezingeni le-Kaizer Chiefs, ngisho noma ngabe kusakhiwa.
Phela uqashe umakhi ukuba akwakhele indlu, bese ubona esabeka ulayini wokuqala wezitini ukuyagwegwa, kumele umnqande.
Yebo, ukuwina indebe kubalulekile. Kodwa akumele bese kucashisa iqiniso lokuthi i-Kaizer Chiefs yehlulekile ukukhula nganoma iyiphi indlela ephusile kule sizini.
UNabi bekulindeleke wenze kahle ukuwina indebe – uma ngabe kube ngenxa yamaqhinga akhe kwakade.
Kodwa awukho umehluko kwindlela iqembu elidlala ngayo. Empeleni nje, selilahleke kakhulu manje.
Ukuqeda ngaphandle kweTop 8 unyaka wesibili kulandelana kuzoba yichilo elikhulu, elikhomba ukuthi iqembu lisandadazela ndawonye.
Okukhathaza kakhulu ukuntuleka kobumbano nendlela ecacile yokudlala eqenjini likaNabi.
Isonto nesonto iqembu liyashintshwa okusho ukuthi ngemuva kwezinyanga eziyisishyagalombili uNabi akakaboni ukuthi ubhekephi.
Yebo uyakhala ngabadlali. Kodwa uma ungumqeqeshi ophusile usebenza ngabadlali obaficile, bese kubonakala ke ukuthi kushoda ngakubo.
Ukuvele usheshe ukhale ngezinga labadlali – kube yilona hhawu njalo uma kungahambanga kahle – luphawu lokwehluleka.
I-Kaizer Chiefs inabadlali abanekhono elingcono kakhulu kulokhu, kodwa umehluko kwindlela ykudlala awubonakali.
Nendlela ke uNabi akhuluma ngayo kwabezindaba ayisizi. Uhlezi ekhiphela ukucasuka kwakhe kwabezindaba – bese uzibuza ukuthi engabe unjani kubadlali bakhe uma sebesesithe.
Nokuchoma ngokuthi yena unenqwaba yamaqembu abemfuna – nasamfuna namanje – kumenza abonakale njengomuntu ozithwele.
Izinombolo yizo ezikhuluma yonke into: ukunqoba imidlalo eyisishiyagalombili kuphela emidlalweni engu-27, ukushaya amagoli angu-25, nokuhlulwa emidlalweni engu-12 akudwebi isithombe sekusasa elihle.
Lezi akuzona neze izibalo zeqembu elikhulayo. INedbank Cup kufana nokuthi ivele yaplastela phezu kweminkenke nemifantu engazange ilungiswe.
 Futhi uma kuzoqhutshekwa ngale ndlela, i-Kaizer Chiefs izibeka engcupheni yeminye iminyaka eminingi yosizi.
