
UPablo Martin ubhoboka ngokushelwa yi-Orlando Pirates
UPablo Martin, obengumqeqeshi waMaZulu FC phambilini usedalule ukuthi wake washelwa yi-Orlando Pirates kodwa wayichitha.
Lo mqeqeshi odabuka eSpain manje useqeqesha eqenjini elidlala esigabeni sesibili eSaudi Arabia i-Al-Faisaly.
Ubephethe AmaZulu FC ngesizini ka-2023/24. Kodwa waxoshwa ngemuva kwemidlalo emithathu yokuqala kule sizini.
UPablo Martin udalule ukuthi i-Orlando Pirates yamthumelela isicelo sokuba azoyiqeqesha ngesikhathi esasebenza kwiSimba SC yaseTanzania.
Lokhu bekungaphambi kokuthi aqeqeshe AmaZulu kwiBetway Premiership.
Kodwa ngaleso sikhathi uthi kwakungesona isikhathi esifanele kuye ukuthi ashiye la ayekhona.
Engxoxweni abe nayo neFARPost, ubuzwe ukuthi angawuthanda yini lo msebenzi wePirates njengoba uJose Riveiro eseshiyile.
“Yebo, ngihlale ngifuna ukuqeqesha amaqembu angcono kakhulu ngangokunokwenzeka,” uphendule kanje.
“Ngesikhathi ngikwiSimba ngathola isicelo kubo (i-Orlando Pirates) kodwa kwakungesona isikhathi esifanele.
“Uma nginomsebenzi engikuwo ngithanda ukuhlonipha leyo kilabhu, abantu engisebenza nabo nabalandeli,” kusho lo mqeqeshi owake wasebenza kwiReal Madrid eSpain.
“Ngakho-ke angithandi ukuvele ngishiye nje, noma ngngathola ithuba elingcono kwenye indawo.
“Kodwa njengomqeqeshi ngihlale ngifuna ukuqeqesha amaqembu angcono kakhulu ngangokunokwenzeka.
“I-Orlando Pirates iyikilabhu enkulu kakhulu, futhi njengamanje isendaweni eyifanele…
“Iwina izindebe futhi yenza kahle nasezwenikazi,” kuqhuba uPablo Martin.
Uthe uhlabeke umxhwele ngendlela uRiveiro anikezwe ngayo isikhathi sokwenza umsebenzi wakhe futhi wanikezwa konke ukwesekwa abekudinga.
“Selokhu ngafika eNingizimu Afrika, bengilokhu ngisho ukuthi abadlali bayo nethimba labaqeqeshi benza kahle.
“Kodwa futhi nomnikazi wekilabhu nebhodi lonke benza kahle ngoba bayakholelwa kulo msebenzi owenziwayo futhi babasekela nangezikhathi kugahambi kahle.
“Yingakho sebeqoqa izindebe nje manje. Kungenxa yokubambisana nokwesekana.”
Uphinde wadalula ukuthi amanye amakilabhu ePSL aseke azama ukumbuyisa kule sizini kulandela ukushiya kuMaZulu.
Kodwa uMartin uthi ufuna iqembu elinezinhloso ezinkulu lapho engawina khona izindebe.
“Bengivele nginazo izicelo ezimbalwa ezivela emaqenjini e-PSL kule sizini.
“Ngidinga nje umsebenzi onabantu abafuna ukunginika ithuba lokulwela ukunqoba izindebe,” kwengeza uMartin.
