
UBroos uyazivikela ngesu elihlulekile kwiMexico, uthi: “Lisebenzile”
Umqeqeshi we-Bafana Bafana, u-Hugo Broos, akabonakali ezisola ngesu lakhe elidale impikiswano ngesikhathi iqembu lakhe lihlulwa ngo 2-0 yiMexico emdlalweni wokuvula iNdebe yoMhlaba.
Lo mqeqeshi waseBelgium ushiye abaningi bemangele ngesikhathi eqala umdlalo ngokusebenzisa uhlelo olungajwayelekile lwe-3-5-2.
Okuxakile ngalokhu wukuthi uqale ngezitobha ezinhlanu, ezimbili kuyizo ezidlala ezimpondweni.
Abaningi bakholwa ukuthi yikho lokhu okunikeze iMexico ithuba lokulawula umdlalo.
Kodwa-ke, yize i-Bafana Bafana ihluliwe futhi ilahlekelwe abadlali ababili abaphume ngamakhadi abomvu, u-Hugo Broos ugcizelele ukuthi isu lakhe belingelona iphutha.
“Ngicabanga ukuthi uma uwubonile umdlalo, uyabona ukuthi kungani sidlale ngaleyo ndlela,” kusho uBroos.
“Ngaphandle kwemizuzu engu-15 yokuqala lapho iMexico ibisifake ngaphansi kwengcindezi enkulu, umdlalo ububhalanse kahle.
“Baze baphelelwa amasu okuthi benzeni ngebhola. Izitobha zabo bezilizungezisa nje ibhola nje ngaphandle kobungozi.”
Lo mqeqeshi uthe lokho kuphela kuyimpendulo kubo bonke abagxeka indlela aqale ngayo umdlalo.
Nokho, izinkinga zeBafana azigcinanga ngokuhlulwa kuphela.
Iqembu lizobhekana nomdlalo obalulekile neCzechia ngesonto elizayo lingasenabo oSphephelo Sithole noThemba Zwane, bobabili abakhishwe ngamakhadi abomvu.
Manje ingcindezi isikhule kakhulu ku-Hugo Broos njengoba i-Bafana Bafana seyiphoqelekile ukuthola umphumela omuhle emdlalweni olandelayo.
