
IBafana iboshelwe kanje kowokuvula neMexico
Isikhathi ebesilindelwe ngabalandeli be-Bafana Bafana sesifikile, umqeqeshi uHugo Broos uselikhiphile aqala ngalo umdlalo wokuvula iNdebe yoMhlaba.
IBafana isimemezele iqembu elizoqala umdlalo neMexico e-Estadio Azteca, kanti igama elidonse amehlo kakhulu elikaRelebohile Mofokeng.
Lesi sihlabani esisesincane siqala ebhentshini naphezu kokuba ngomunye wabadlali abebebhekwe ngabomvu.
Esikhundleni sakhe, uBroos ukhethe ukwethemba abadlali abanamava okubalwa kubo uLyle Foster, u-Iqraam Rayners noTeboho Mokoena njengoba iBafana ifuna ukuqala umkhankaso wayo ngendlela emangazayo.
Ngakolunye uhlangothi, iMexico ingena kulo mdlalo ingaphansi kwengcindezi enkulu.
Nakuba isidlale imidlalo yokuvula eyisikhombisa emlandweni weNdebe yoMhlaba, ayikaze iwunqobe nowodwa, njengoba yahlulwa kwemihlanu yadlala ngokulingana kwemibili.
Iqembu likaJavier Aguirre lizimisele ukuguqula lowo mlando phambi kwabalandeli balo.
Kodwa i-Bafana Bafana ikholwa ukuthi ingakwazi ukumosha umcimbi ngokuvele ishiphe kudliwa.
Ibophele kanje iBafana: Williams – Mudau, Modiba, Okon, Sibisi, Mbokazi – Sithole, Adams, Mokoena – Foster, Rayners.
Ebhentshini: Chaine, Goss, Cross, Ndamane, Makhanya, Kabini, Matuludi, Appollis, Moremi, Mofokeng, Mbatha, Zwane, Maseko, Makgopa
IMexico ibophele kanje: Rangel – Gallardo, Reyes, Montes, Vasquez, Lira, Alvarado, Gutierrez, Fidalgo, Quinones, Jimenez.
Njengoba amehlo omhlaba wonke ethe njo eMexico City, iBafana inethuba lokubhala umlando omusha.
