
UMngqithi uvuma abekusaba ngo-Arubi ophinde wamgila
Ngu-Alfred Ngubane
Umqeqeshi weGolden Arrows, uManqoba Mngqithi, uvumile ukuthi umakadebona kanozinti uWashington Arubi usephinde wamshiya nengeqiwa ntwala ingozi.
Lokhu kungemuva kokuthi iMarumo Gallants yehlule iqembu lakhe emdlalweni owandulela owamanqamu weCarling Knockout eThekwini ngeSonto.
“Bengifuna siwunqobe lo mdlalo emizuzwini engu-90, kodwa akwenzekanga kanjengoba bengifisa,” kusho uMngqithi.
“Ngesikhathi singena esikhathini esengeziwe, ngaubatshelile abadlali bethu ukuthi bashaye igoli ukuze singayi kumaphenathi…
“Lokho kungenxa yokuthi benginomizwa ngoWashington Arubi — wangishaya ngaphambili kumaphenathi ngesikhathi ngisekwiMamelodi Sundowns.”
Naphezu kokusebenza okuqinile namathuba abawakhe esikhathini esengeziwe, i-Arrows ayikwazanga ukuthola igoli.
Lokhu kube sekusiza Gallants ukuthi inqobe kumaphenathi la u-Arubi ekhombise khona ubungqwele bakhe.
UMngqithi uncome umzamo wabadlali bakhe kodwa wakhala ngokungabi nanhlanhla yegoli.
“Sidlale kahle kakhulu, kodwa asikwazanga ukushaya amagoli,” kuqhuba lo mqeqeshi oseyivuselele ngabadlali abasebancane i-Arrows.
Lo mphumela uqede ithemba leKwaZulu-Natal lokumeleleka kowamanqamu – wonke amaqembu esifundazwe asekhishiwe kulo mqhudelwano.
Khonamanjalo, umqeqeshi weMarumo Gallants u-Alexandre Lafitte uncome ukulungiselela nokukholelwa kwabo ku-Arubi njengokhiye wokunqoba.
“Bengizethemba ngonozinti wethu, uWashington Arubi, ukuthi uma sifinyelela kumaphenathi, uzowavimba – eyodwa noma amabili. Futhi wenze lokho kanye,” kusho uLafitte.
FUNDA NALA | IChifes ibhedise uhlelo kwiLegacy Cup
Lo mqeqeshi osemncane usesondele ekuqopheni umlando njengoba esefake leli qembu kowamanqamu ngesizini yakhe yokuqala.
IGallants izobhekana ne-Orlando Pirates kowamanqamu weCarling Knockout ngoDisemba 6 ePeter Mokaba Stadium ePolokwane.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
