Ezintsha

Ucikeke wafa uMngqithi umfanyana oqoqa amabhola ‘ebadelela’

Emdlalweni weligi obuphakathi kwe-Arrows nePolokwane City, ibhentshi likaManqoba Mngqithi belisho ukumudla luhlaza omunye wabafana abaqoqa amabhola. 

Nokho kusize ibhentshi leqembu lasekhaya eliholwa ngumqeqeshi uPhuti Mohafe elisukume ngokushesha layovikela lo mfanyana obehlaselwa abe-Arrows.

Unompempe ugcine ekwazile ukusilamula lesi sigameko, asangaba yinto enkulu kakhulu nengcolisa igama lebhola kuleli.

Lesi sigameko sakamuva sengeza ochungechungeni lwezifanayo ezibandakanya abafana abaqoqa amabhola kwiRise and Shine. 

Emidlalweni edlule neKaizer Chiefs neMarumo Gallants, abafana bebhola basolwa ngokumosha isikhathi, nokwaholela ekutheni abaqeqeshi bamaqembu avakashile basale bengeneme. 

UManqoba Mngqithi udalule ukuthi umfana oqoqa amabhola ukhombise ukweya omunye wabadlali bakhe, emshaya ngebhola phambai konompempe kodwa bathula. 

“Umfana webhola ushaye umdlali ngebhola nonompempe wabona,” kusho uMngqithi ngokwe-iDiski Times.  

“Isikhulu sesine (esigada ukusebenza konompempe) besiseduze nalesi sigameko kodwa akukho esikwenzile. 

“Kuyishwa nje uma abadlali bebhola elikhokhelayo bengasahlonishwa, ngisho nangabafana abaqoqa amabhola imbala.

“Ngicabanga ukuthi ziningi izinto esizithatha kalula ebholeni. Kodwa mhlawumbe sizothuthuka ngelinye ilanga.”

UMngqithi uphinde wakhala nangekhadi eliphuzi avalwe ngalo umlomo unompempe kade ezama ukubuza ngesigameko asizibile sokudlalwa kwebhola ngesandla wumdlali wePolokwane.

“Ngiphinde ngathola ikhadi eliphuzi ngokutshela unompempe ukuthi kunebhola elidlalwe ngezandla ngamabomu kodwa unompempe akafuni ukujezisa… 

“Kuyicala elisobala leli kodwa onompempe sebenemithetho yabo manje ngakho singenzani ke thina?”

Umdlalo unqotshwe yiGolden Arrows ngegoli likaKnox Mutizwa ngomzuzu ka-48. Ukuhlulwa kube okwesithathu kwePolokwane emidlalweni emihlanu.

KuManqoba Mngqithi ukunqoba bekungokokuqala emidlalweni emibili selokhu ebuyele kuleli qembu laseThekwini emasontweni ambalwa edlule.