
UCardoso udalula ukuthi iSundowns isengayinqoba kanjani iligi
UMiguel Cardoso uthi kubalulekile ukuthi iMamelodi Sundowns ihlale iqinile emzamweni wayo wokubuyisa isicoco seBetway Premiership kule sizini.
AmaBrazilians asedle izicoco zeligi amahlandla ayisishiyagalombili kulandelana, esokugcina sibe ngesizini edlule ngaphansi kukaCardoso.
Lena bekuyisizini yakhe yokuqala kuleli qembu, kanti ukwazile nokulala isibili kwiCaf Champions League.
ISundowns nakulokhu isalwela izicoco ezintathu okuhlanganisa eseBetway Premiership, eseChampions League neseNedbank Cup.
Kodwa njengamanje izithola isendaweni yesibili kwiligi njengoba ilandela ngemuva i-Orlando Pirates ezihola phambili kwilogi njengamanje.
Futhi njengoba kuyiwa ekhefini nje, uMiguel Cardoso ubalule kugxila emdlalweni wabo olandelayo kuphela njengendlela ebalulekile ekutheni babuyise isicoco seligi.
Njengamanje iSundowns inamaphuzu angu-26 emidlalweni engu-13 kati isendaweni yesibili, iPirates iqhwakele ngamaphuzu angu-28 emidlalweni engu-13.
“Njengamanje sigxile emdlalweni olandelayo, leyo wukuphela kwendlela yokudlala uma unemiqhudelwano eminingana phambi kwakho,” kusho uCardoso.
“Lena yikilabhu enolwazi, iqembu elinolwazi, abadlali abanolwazi namava abanomqeqeshi onamava.
“Impilo uyiphila usuku nosuku ngoba kusasa kungasa sonke sifile. Asazi ukuthi kuzokwenzekani ngakho nasebholeni kuyafana.
“Silungiselela umdlalo olandelayo, sigxila emdlalweni olandelayo. Ukuhlala uqonda ukuthi ubani osesimweni esihle kakhulu sokuqala umdlalo.
“Yilokho esikwenzayo futhi yilokho esizokwenza manje. Ngaphandle kwalokho kusobala ukuthi siya ekhefini, abadlali beqembu lesizwe bahambile…
“Sizobe sesihlangana ekuqaleni kukaJanuwari ukuze silungiselele ingxenye yesibili yesizini,” kusho uCardoso.
FUNDA NALA | UMakaringe uveza ukuthi wayiqoma kanjani iPirates, wachayisa iChiefs
Ngaphansi kukaMiguel Cardoso kule sizini, iMamelodi Sundowns isivele iphuthelwe yiMTN8 neCarling Knockout okufake lo mqeqeshi ngaphansi kwengcindezi.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
