EzintshaKaizer Chiefs

UMabedi nombono ngokuvala ‘imbobo’ kwiChiefs

  • Alfred NGUBANE

UMabedi ukholwa ukuthi ukuze umqeqeshi omusha uNasreddine Nabi aphumelele, udinga abadlali abasezingeni eliphezulu emuva. 

IChiefs ibheke ehlazweni leminyakeni eyishumi ingayazi indebe, kanti ingcindezi inkulu kuNabi ukuthi avike leli hlazo.

UMabedi uzwakalise ukukhathazeka ngabadlali basemuva abakwiChiefs njengamanje.

Uphawule ukungenzi kahle kukaGavin Msimango, uThatayaone Ditlhokwe, no-Edmilson Dove ngesizini edlule. 

Ugcizelele isidingo sokuthi kube nomdlali wasemuva othembekile ozokwazi ukuhola udonga lwasemuva ukuze iqembu ligweme ukudedela amagoli alula. 

“Ngibabonile oMsimange noDithlokwe ngesizini edlule, angenelisekanga ngabo. 

“NoDove unokwenza amaphutha angenasidingo. Kumele bamfune baze bamthole umdlali wasemuva okwaziyo ukulwa,” kusho uMabedi.

IChiefs isanda kudedela umdlali wasemuva uNjabulo Ngcobo, okwenza isidingo somdlali wasemuva maphakathi nendawo sibe sikhulu. 

Leli qembu limataniswa nomdlali wasemuva weStellenbosch FC, u-Olivier Toure, kanti uMabedi uncome kakhulu ukuthi iChiefs imsayinise. 

“IKaizer Chiefs kumele ingene iphelele ephaketheni uma kufanele, ithole u-Ismail Toure weStellenbosch uma ngempela iqonde ukulungisa umonakalo osemuva eqenjini,” kweluleka uMabedi.

Ngaphandle kokuqinisa udonga uMabedi uphinde waphakamisa ukuthi iChiefs isayinise abadlali ababili abanamava abazohola iqembu enkundleni, bathathe izinqumo eziphusile. 

Ugcizelele isidingo sabadlali ‘abazofela enkundleni’ belwela impumelelo yeqembu.

Njengamanje uMabedi ungumqeqeshi weqembu lesizwe laseMalawi futhi wayengumdlali othembekile wasemuva kwiChiefs.

Ukwazi kahle ukubaluleka kokuvala kahle emuva futhi ukholelwa ekutheni ngokusayina okufanele, iqembu lingaphinde libuyise udumo lwalo lwangaphambili.