EzintshaMamelodi Sundowns

UCardoso uyameseka ‘okhisimuze’ iChiefs

ISundowns ikhishwe kwiNedbank Cup ngeSonto ebusuku eLoftus Stadium ngemuva kokuhlulwa ngo 2-1 yiKaizer Chiefs.

ULucas Suarez ukhisimuze uWandile Duba weChiefs ibhola ashaye ngalo igoli lokulinganisa. Umdlalo ube sewujika ukusuka lapho.

Lo mdlali wasemuva wase-Argentina wenza amaphutha acishe lifane nangesikhathi behlulwa yi-Orlando Pirates phambilini.

Naphezu kwaleli phutha, uMiguel Cardoso wenqabile ukusola uLucas Suarez. 

“Siwina ndawonye, futhi sihlulwa ndawonye njengeqembu,” kusho lo mqeqeshi ngemuva komdlalo.

“Bekuyiphutha elicacile lomuntu oyedwa. Kodwa siyameseka, futhi simi naye. Lokho yisimiso saleli qembu.”

UMiguel Cardoso uveze nokuthi iSundowns beyiyiqembu elingcono kulo mdlalo yize ikhale ngaphansi. 

“Bekuyithi iqembu ebelibukeka lifuna ukushaya igoli ngesiwombe sesibili,” kwengeza yena.

Lo mqeqeshi uvumile ke nokho ukuthi imphumela webhola unqunywa ngokusebenzisa amathuba, ikakhulukazi uma imbangi yenza amaphutha.

UCardoso uphinde waveza ukuthi bebewuphethe umdlalo, ethi bebebukeka befuna ukunqoba kulo mdlalo.

“Thina besifuna ukunqoba, bona belwela ukungahlulwa. Esiwombeni sesibili besimandla. 

“Silawule umdlalo. Kodwa-ke iphutha lababuyisela emdlalweni ekubeni bebedonsa kanzima,” kuchaza uCardoso.

Ngemuva kwegoli lokulinganisa iSundowns izamile ukusebenzela ukuthola igoli lesibili. 

Kodwa ibe seyizithola iphinde izithola seyijezisekile ingenelwa yigoli lesibili.

UCardoso ugcizelele ukuthi manje iqembu lakhe sekumele lihlangane kabusha likhohlwe yilo mdlalo bese ligxila kwezayo.

ISundowns manje isizogxila emkhankasweni wayo weCaf Champions League la seyingene emzuliswaneni wemidlalo eyandulela owamanqamu.

Izobhekana ne-Al Ahly eLoftus Stadium ngoLwesihlanu komunye umdlalo ozodinga iphinde isebenze ngokuzikhandla okuphindiwe.