
ISundowns ishela umqeqeshi wase-Argentina
Kungenzeka ushinstho obeluhalelwa ngabalandeli kwiMamelodi Sundowns lugcine lwenzekile maduze.
Abalandeli baleli qembu elizinze eChloorkop sebeqalile ukushaya amakhala ngomqeqeshi uMiguel Cardoso, bemsola ngokuthi uhlulwa wumsebenzi.
ILisenethini seyithole ukuthi abaphathi beMamelodi Sundowns sebeqalile izinhlelo zokuhlwaya umqeqeshi abazovala ngaye isikhala uma bededela uCardoso.
Umthombo usibikele ukuthi abaphathi bafuna umqeqeshi wase-Argentina, uRudolfo Zapata ukuba azothatha lo msebenzi uma kudedelwa uCardoso.
“ISundowns ilungiselela ukuletha uRodolfo Zapata eNingizimu Afrika,” kusho lo mthombo osidonse ngendlebe ukuthi singawudaluli.
“Nokho imbanga ne-Al Ahly njengoba nayo imfuna uthuli uZapata. Uzokhumbula ke ukuthi umqeqeshi uRodolfo Zapata akamusha eNingizimu Afrika naseningizimu ye-Afrika.”
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
UZapata uke waqeqesha kwiMpumalanga Black Aces kuleli ngo-2011 kuya ku-2013, wabe esedlulela naseBotswana la ecije khona iTownship Rollers neGaborone United.
FUNDA NALA | ISpurs iveza okulandelayo ngoVelebayi noBaartman
Njengamanje akanaqembu kulandela ukushiya kwiMontego Bay United yaseJamaica abesehlale kuyo unyaka owodwa.
Imataniswa nalo mqeqeshi nje iSundowns uCardoso ugxekwa ngapha nangapha yizinkakha zeqembu ezithi azimboni elisa phambili leli qembu.
Kule sizini iSundowns seyivele iphuthwe yizicoco ezimbili – eseMTN8 neseCarling Knockout – njengoba iwashiswe ijezi kuyo.
