
UMiguel Cardoso udedele intshuqu yesishiphi kudliwa ngePSL
Ngesikhathi kunconywa izinga lokukhula kwePSL ngokuthi umbango emaqenjini ayo ukhulile, uMiguel Cardoso usevele washipha kudliwa.
Lo mqeqeshi weMamelodi Sundowns uveze ukuthi unobufakazi obumangazayo bokuthi kungenzeka imidlalo iyadayiswa.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo wezakhe weNedbank Cup eziwunqobe ngo 2-1 zihlula iGomora United.
Uthe unesithombe sezikhulu zeqembu elithile zisemhlanganweni nonompempe ngaphambi komdlalo weqembu lazo.
“Ngeke kube nazinsolo noma kube khona osolwayo uma kuthathwa izinqumo ezingezona kuleli,” kusho uMiguel Cardoso.
“Kuyakhathaza ukuthi eNinfizimu Afrika kunezikhulu zeqembu elithile ezivakashela onompempe ekuseni ngosuku lommdlalo – niyakwazi lokho?
“Kubhekeni ngoba mina ngisibonile isithombe namuhla. Kubalulekile ukuthi sikubheke lokho.
“Bengingakaze ngikubone phambilini, bengiqala ngqa ukubona izikhulu zeqembu zivakashela onompempe abazophatha umdlalo weqembu lazo.
“Kwenzekile ke lokho muva nje… Mhlawumbe bekuyizolo. Yilokho ke okumele nikhathazeke ngakho njengamanje.”
FUNDA NALA | UMngqithi uthi ayikho eyombango wesicoco seligi
Njengoba UMiguel Cardoso ethe mhlawumbe kwenzeke ngayizolo, kube sekusoleka ukuthi yizikhulu ze-Orlando Pirates noma AmaZulu lezi akhuluma ngazo.
Phela umdlalo obungayizolo – ngoLwesibili – ngowaMaZulu nePirates weligi ophele ngo 2-0 kunqoba iPirates ebe seyiqhwakela kwilogi yeBetway Premiership.
Kusalindwe iPSL ke ukuthi izothatha ziphi izinyathelo ngale nkulumo njengoba iyihlambalaza futhi yehlisa isithunzi sayo.
Kuzomele iphenye ubuqiniso balokhu okubukeka kuzoba lula ngoba kuzomele icele lesi sithombe sikaCardoso bese iphenya labo ababonakala behlangene nonompempe.
