EzintshaOrlando Pirates

UNgwenya uphawula ngakwenze kuSihle Nduli 

U-Thandolwenkosi Ngwenya usecele uxolo ku-Sihle Nduli ngemuva kokumlimaza kabi emdlalweni wangoLwesithathu.

Lo mdlali waMaZulu ugxobe kanzima lo zakwabo we-Orlando Pirates obedlala okokuqala ngemuva kokubuya ekulimaleni kwesikhathi eside.

UNduli ubonakale esezinhlungwini ezinkulu ngemuva kwalesi sigameko okubonakale sengathi wephuke iqakala kuso.

Kudingeke ukuthi akhishwe enkundleni ngohlaka. Lo mdlalo obuseKings Park Stadium uphele zibambene ngo-1-1.

U-Thandolwenkosi Ngwenya nguyena oshaye igoli loSuthu ngesikhathi evalela enethini iphenathi.

Lona bekungumdlalo wokuqala ka-Sihle Nduli selokhu abuya ekulimaleni kwesikhathi eside. 

Wayelimale eThekwini ngoNovemba 2025 emdlalweni la babebhekene khona neGolden Arrows.

Kuze kube manje, iPirates ayikakhiphi imininingwane egcwele ngesimo sokulimala kwakhe.

UNgwenya useveze ukuthi akazange angene kuNduli ngenhloso yokumlimaza.

“Ngiyaxolisa mfowethu ngalokho okwenzekile. Angikwenzanga ngenhloso. 

“Ngiyethemba ukuthi uzoba nendawo enhliziyweni yakho yokungixolela. 

“Ngikufisela ukululama ngokushesha,” kubhala uNgwenya kuFacebook.

Umqeqeshi waMaZulu u-Arthur Zwane naye uzwakalise ubuhlungu abuzwile ngalesi simo, futhi waxolisa kuNduli.

“Angikuthandi ukubona izinto ezinjena. Angifuni ukubona umdlali obuya ekulimaleni ephinde elimala,” kusho uZwane.

Uphinde waxolisa kuNduli, wamfisela ukululama ngokushesha.