EzintshaKaizer ChiefsMamelodi Sundowns

UVelebayi udalula okumenza azimisele ngaphambi koweSundowns

U-Asanele Velebayi useveze ukuthi igoli lokuqala likaLuke Baartman kwiKaizer Chiefs selimfake ugqozi ngaphambi komdlalo omkhulu neMamelodi Sundowns.

Ngalesi sikhathi ngesizini edlule, uVelebayi noBaartman babesabhekene nempi yezomthetho neCape Town Spurs.

Laba badlali babefuna ukukhululwa kuleli qembu ukuze baqhubeke nemisebenzi yabo yebhola.

Manje izinto sezihambe ngendlela ehlukile. UBaartman uqale kahle isizini yakhe kuMakhosi.

Lo mgadli ushaye igoli lakhe lokuqala egqoke ijezi leChiefs ngesikhathi beshaya iSekhukhune United ngo 2-0 eFNB Stadium ngoLwesithathu.

UVelebayi naye uqale kahle futhi uthi impumelelo kaBaartman isimnikeze ugqozi.

“Ukubona uBaartman eshaya igoli lakhe lokuqala kungikhuthazile. 

“Kube yisikhathi sokuziqhenya ngoba sesihambe ibanga elide ndawonye. Ufana nomfowethu,” kusho uVelebayi.

Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala ufuna ukwenza kangcono kule sizini.

U-Asanele Velebayi udlale imidlalo engu-15 kuyo yonke imiqhudelwano ngesizini edlule.

Ngesikhathi sekhempu yokulungiselela isizini eSpain, ubeshaya amagoli njalo.

Manje ufuna usebheke ukukwenza emidlalweni esemthethweni lokho.

“Ngemuva kwamalungiselelo amahle, engikufunayo wukuba ngihlale ngidlala kahle. 

“Sizobhekana nompetha base-Afrika, ngakho ngiyazi ukuthi kuzoba nzima,” kusho yena.

“Kepha siya kulo mdlalo sizethemba ngemuva kokuwina imidlalo yethu emibili yokuqala yeligi.”

Umqeqeshi weChiefs, uFernando Da Cruz, ubathembe kakhulu bobabili u-Asanele Velebayi noBaartman kusukela kuqale isizini.

“Engikufunde kumqeqeshi uFernando wukuthi ufuna okukhulu kakhulu,” kuchaza uVelebayi.

“Ngisho noma ucabanga ukuthi wenza kahle kakhulu, uhlale efuna lelo phesenti elilodwa elengeziwe kuwe.”