Ezintsha

Iphinde yageja iRoyal AM kolukaNurkovic

Imizamo yeRoyal AM yokunciphisa imali eyikweleta uSamir Nurkovic ichithiwe, ngokwemibiko yakamuva.

IRoyal AM izame ukwehlisa u-R15 million ewukweleta uNurkovic, kodwa yageja.

Leli qembu laKwaZulu-Natal lifake isicelo kwiPSL Dispute Resolution Chamber, lifuna ukwehlisa imali eliyikweletayo. 

Ummeli womdlali, uDavor Lazic, ukubize ngomunye umzamo wokunciphisa kakhulu isamba ‘ezosikhokha”.

IRoyal AM yagwetshwa yiFifa ukuthi ingabasayini abadlali ngoJulayi 2022 ngokunqamula inkontileka kaNurkovic ngokungemthetho. 

Leli qembu lalivumile ukukhokhela lo mgadli u-R420 000 nyanga zonke ngemuva kokumsayinisa njengomdlali wamahhala ngemuva kokushiya iKaizer Chiefs.

Naphezu kokudlulisela icala eCourt of Arbitration for Sport (Cas), iRoyal AM yehlulekile ukuchitha isinqumo seFifa. Azikho izinkokhelo ezenziwe kuze kube manje.

Engxoxweni ekhethekile neSABC Sport, uLazic ukuqinisekisile ukuthi isigungu sePSL lisenqabile isicelo seRoyal AM ekuqaleni kwale nyanga. 

“Isigungu sePSL simemezele ukuthi isicelo asisamukeleki futhi senqaba konke okufunwa yiqembu,” usho kanje.

IRoyal AM manje ibhekene nezijeziso ze-Fifa ezengeziwe ezingaba khona, okuhlanganisa nokuphucwa amaphuzu noma ukudliwa kwempahla. 

Lokhu kwakamuva kungasho ukuhlakazwa kwale kilabhu ukuze kuhlanganiswe imali yokukhokha izikweletu.

ULazic uwagxekile amaqhinga ekilabhu, echaza isicelo sabo sakamuva njengesu lokunciphisa isamba esikweletwayo. 

“Bafune ukubalwa kabusha kwezindleko ukuze bagweme ukukhokha izintela futhi bakhokhe imali eyehlisiwe. 

“Lezi ziphakamiso azifani nanoma yini engike ngahlangana nayo emsebenzini wami phambilini,” kuqhuba lo mmeli.

UNurkovic, manje osekwiSuperSport United, usaqhubeka nokulinda ukuthi kutholakale isixazululo.