Bafana BafanaEzintshaIndebe yoMhlaba

UMcKenzie uqagula indlela iBafana ezodlula ngayo kwesamaqoqo

Ungqongqoshe wezemidlalo eNingizimu Afrika, uGayton McKenzie, useveze indlela acabanga ukuthi iBafana Bafana ezokwenza ngayo emidlalweni yayo yesigaba samaqoqo kwiNdebe yoMhlaba.

IBafana ikuGroup A nosokhaya iMexico, bese kuba iCzech Republic neSouth Korea.

Izovula umqhudelwano ngokubhekana neMexico ngoLwesine ebusuku emdlalweni obuyisela izinkumbulo zomdlalo wokuvula iNdebe yoMhlaba ka-2010.

UMcKenzie ukholwa ukuthi umlando uzoziphinda kulo mdlalo osuvele ubhekwe ngabomvu emhlabeni jikelele.

Uthi iBafana neMexico bazophinde babambane ngo 1-1, njengoba kwenzeka eminyakeni engu-16 eyedlule ngesikhathi igoli likaSiphiwe Tshabalala lishukumisa umhlaba wonke.

Ebhala enkundleni yokuxhumana i-X ngoLwesithathu ekuseni, u-Gayton McKenzie uthe i-Bafana Bafana izobe isinqoba imidlalo yayo emibili elandelayo ukuze idlulele esigabeni somkhumulajezi.

“Ukuqagela kwami imidlalo yeBafana: South Africa 1-1 Mexico; South Africa 3-1 Czechia; South Africa 2-1 South Korea. 

“Viva Bafana Bafana, iMexico neNingizimu Afrika bazodlulela phambili,” kubhala uMcKenzie.

Uma lesi sibikezelo sika-Gayton McKenzie singafezeka, i-Bafana Bafana izofinyelela esigabeni somkhumulajezi okokuqala emlandweni wayo kwiNdebe yoMhlaba.

Lokhu kungaba yinto eyimpumelelo enkulu eqenjini likaHugo Broos.

Abalandeli sebezobona ukuthi ngabe amazwi kaMcKenzie azoba yiqiniso yini ngesikhathi iBafana iqala uhambo lwayo olubaluleke kakhulu eMexico City ngoLwesine ebusuku.