EzintshaMamelodi Sundowns

John Tlale: Ukube uMiguel Cardoso owakuleli ngabe… 

AMasandawana asedlale imidlalo emithathu ilandelanda enganqobi kulo mqhudelwano njengoba eshaywe yi-Al Hilal ngo 2-1 ngoLwesihlanu olwedlule. 

Lo mphumela ushiya iSundowns isendaweni yesibili kuGroup C. Isilele ngamaphuzu amathathu ngemuva kwaleli qembu laseSudan.

Iphambili ngephuzu elilodwa kwiMC Alger esendaweni yesithathu, kanti sekusele imidlalo emibili kusongwe isigaba samaqoqo.

UJohn Tlale unanele imizwa yabalandeli abaningi ngomqeqeshi weSundowns uMiguel Cardoso.

Uphakamise ukuthi isimo esikhona ngabe sisingathwe ngendlela ehlukile ukube umqeqeshi ngowaseNingizimu Afrika.

“Ukube umqeqeshi waseNingizimu Afrika ngake kudala ahamba. Yena (uMiguel Cardoso) akenzi kangcono kunoManqoba (Mngqithi). 

“Angazi ukuthi yini ebenza bamyeke. Ngiwubukile umdlalo wangoLwesihlanu futhi angikwazanga nokulala, ngalimala kakhulu emoyeni,” kusho uJohn Tlale kwiSoccer Laduma.

Lo nozinti wakudala uphinde wazwakalisa ukukhathazeka ngokudlaliswa kwabadlali abancane, abangenamava atheni ngaphambi kwalabo asebemnkantshubomvu, ikakhulukazi emuva.

“Uma ubheka emuva, uKhuliso Mudau kuphela onamava okudlala e-Afrika,” kwengeza uTlale. 

“Abanye basha kwiCaf Champions League. Awubayekeleli kanjalo emdlalweni onzima kanjeya. 

“Uma unikeza umdlali osemusha njengoKhulumani Ndamane umthwalo omkhulu kangaka, usuke umbulala.” 

Umqeqeshi we-Al Hilal, uLaurentiu Reghecampf, uvumile ngemuva komdlalo ukuthi ujabule kakhulu ngokuthi unozinti weSundowns, uRonwen Williams, ngeke adlale.

Uveze ukuthi iqembu lakhe belicindezela phambili ngoba lazi ukuthi uDenis Onyango akakhululeki uma kuqalwa emuva ukudlala.

UTlale uvikele u-Onyango, wathi ukudlala kwakhe kungenxa yokuthi kade agcina ukudlala.

“Angifuni ukusola u-Onyango. Uma unozinti engadlali njalo kuba nzima kakhulu kuye. 

“Ungwokugcina odongeni lwasemuva, futhi uma kuhluleka yena, kuthikameza iqembu lonke. Kodwa uma edlala njalo, ukuzethemba kuyabuya,” kuchaza uTlale.

Uphinde wagqamisa ukubaluleka kukaWilliams kwindlela yeqembu yokuqala iminyakazo emuva.

“URonwen unesibindi futhi ufuna ukuqala ngemuva ngisho nangaphansi kwengcindezi. Lokho kunikeza izitobha ukuzethemba. 

“Ebesidlala ngabo emuva abathandi uma iminyakazo iqalwa emuva,” kwengeza uTlale.

Lo mdlali owake wadlala kwiBafana Bafana uphethe ngokugcizelela ukubaluleka kokuhlanganisa kahle abadlali abasebancane nabanamava.

“Kumele ubahlanganise nabadlali abafana noGrant Kekana, abadlali abanamava. Yileyo ndlela kuphela abazokhula ngayo, ngokwenza amaphutha ukhona ababagadile.”

UJohn Tlale ukubeke kwacaca ukuthi akakholwa ukuthi uMiguel Cardoso ungumqeqeshi ofanele ukuhola iSundowns futhi akaqondi ukuthi kungani esekuleli qembu.

Kusanda kuba namahlebezi okuthi iSundowns isizomxosha lomqeqeshi wasePortugal, esikhundleni sakhe kufakwe uPitso Mosimane.