
UKaze ubalula ababili abenze umehluko ekuhlaseleni kweChiefs
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uCedric Kaze usebalule futhi wancoma abadlali ababili ngokwenza umehluko eqenjini njengoba Amakhosi eshaye amagoli amathathu okokuqala kule sizini.
Ubalule u-Etiosa Ighodaro noGlody Lilepo ngemuva komdlalo wabo oncomekayo besiza iKaizer Chiefs inqoba ngo 3-1 ishaya i-AS Simba.
Le wini itholele indawo Amakhosi esigabeni samaqoqo kwiCaf Confederation Cup okokuqala ngqa eminyakeni engu-11.
Ekhuluma ngemuva komdlalo, uKaze uthe laba bobabili banikeza iKaizer Chiefs okuhlukile uma ihlasela.
“Besifuna okuhlukile phambili okungasinikeza izinto ezihlukene… abadlali abangasinikeza iphasi, babe nomthelela emabholeni abekwe phansi baphinde bakwazi ukukhahlela lapho kudingeka..
“Ukuba no-Ighodaro, onamandla emoyeni, noLilepo odle ngejubane elikhathaza izitobha, kusinika okuhlukile,” kuchaza uKaze.
Lo somaqhinga waseBurundi uphinde wancoma u-Asanele Velebayi noLebohang Maboe, bobabili abangene besuka ebhentshini bafike bajika izinto.
“Bafike kahle kakhulu,” kwengeza uKaze. “Uma uhamba phambili, kusuke kuyisikhathi esihle kakhulu sokwethula abadlali abasha ukuze unyuse ukuzethemba kwabo.”
FUNDA NALA | Ine nesihe iSundowns ishaya elaseNigeria ngoswazi oluncane
Ukunqoba kuphawula ingqopha-mlando kwiKaizer Chiefs njengoba ibheke ukuzakhela igama ebholeni lezwekazi.
Leli kube yigxathu eliya phambili kwiGlamour Boys engaphansi kwethimba labaqeqeshi elihlelwe kabusha.
