
UMasilela ubona ifu elimnyama kuGaston Sirino kwiChiefs
Ingwazi yeKaizer Chiefs, uTsepo Masilela inomuzwa wokuthi indima kaGaston Sirino kuleli qembu njengamanje iyancipha, futhi angase azithole exoshwa.
Inkontileka kaGaston Sirino kwiKaizer Chiefs kulindeleke ukuthi iphele uma kusongwa le sizini, futhi njengoba esebuye alizwe ngendaba nje ijezi izinto zimtshekele.
Ekhuluma kwiSoccer Beat muva nje, uMasilela uthi iChiefs manje isijike ukwenza futhi uSirino usilela euva njengoba iqembu libhekelela ikusasa.
Ukholwa wukuthi leli qembu seligxile kakhulu kubadlali abasebancane uMduduzi Shabalala noMfundo Vilakazi elizohlala nabo isikhathi eside.
Lokhu, kusho uMasilela, kushiya imibuzo ngekusasa likaSirino oneminyaka engu-34 ubudala kule kilabhu ezinze eNaturana.
“Odabeni lukaSirino, uyazi ukuthi kunzima uma unenkontilekeni yemali enkulu kodwa umthelela wakho umncane noma uba khona uma usuka ebhentshini.
“Kodwa futhi ubheka eqenjini leChiefs njengamanje, unoVilakazi oza ngamandla – uyathembisa kakhulu,” kusho uMasilela.
“Uthola isikhathi esengeziwe somdlalo njengamanje. Siphinde sibe noMdu onomuzwa wokuthi bakhela iqembu kuye.
“Kubukeka sengathi bafuna ukwakha iqembu ngoMdu. Bafuna ukuvikela uMdu, bafuna enze kahle…
“Bafuna uMdu abe seqenjini leBafanaBafana. Njalo uma ngibona uhlu lwabaqala umdlalo, nginaka ukuthi abamshintshi uMdu.
“Angaphunyuzwa umdlalo owodwa noma emibili kodwa uyabona ukuthi bakhela iqembu phezu kwakhe.
“Ngakho, lokho kushiya umbuzo omkhulu ngoSirino,” kuqhuba le nkakha eyayidlala kwiBafana Bafana ngesikhathi seNdebe yoMhlaba ka-2010 kuleli.
“Uma uhola imali enkulu futhi kubhekwe ezingxoxweni zokuvuselela inkontileka, kufika la kumele wakumele ukuncishiselwa iholo ukuze wengezelwa omunye unyaka.”
FUNDA NALA | Elinye ithuba kuPhakamani Mahlambi
Ngokusho kukaMasilela, uGaston Sirino kuzomele emukele lokho uma esafuna ukuhlala kwiKaizer Chiefs ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe yamanje.
Lo mdlali wasesiswini wase-Uruguay ujoyine iChiefs esuka kwiMamelodi Sundowns – lapho echithe khona iminyaka eyisikhombisa – ngo-2023.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
