EzintshaOrlando Pirates

UManqoba Mngqithi uncoma i-Orlando Pirates ‘eyenze lukhulu’

I-Orlando Pirates ihlulwe ngo 3-2 yiPyramids FC ngoLwesihlanu ebusuku e-30 June Stadium eCairo esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu.

Ngemuva kokudlala ngokulingana e-Orlando, umlenze wesibili uphenduke umdlalo othokozisayo obe namagoli amahlanu.

Ngokudabukisayo kubalandeli be-Orlando Pirates, iqembu labo lihlulekile ukuzibekisela indawo kowamanqamu.

IMamelodi Sundowns yona beyisivele iyibekisile indawo yayo kowamanqamu ngemuva kokuhlula ompetha i-Al Ahly.

INingizimu Afrika iphuthelwe yithuba lokuba namaqembu amabili kowamanqamu, kodwa uManqoba Mngqithi uthi i-Orlando Pirates ifanelwe ukunconywa.

“Bekungadingeki ukuthi ize ifinyelele kowamanqamu ukuze kubonakale ukusebenza kwayo,” kusho uMngqithi. “Kumele siziqhenye ngayo.”

Uveze ukuthi ukusebenza kwayo kuveza ibhola laseNingizimu Afrika selihambe ibanga elingakanani eminyakeni edlule.

UManqoba Mngqithi ukhumbuze abalandeli ukuthi i-Orlando Pirates ibizabalaza kanjani kumasizini edlule, ingafinyeleli ngisho esigabeni somkhumukajezi.

Ukufika kwayo kowandulela owamanqamu kulokhu kukhombisa inqubekela phambili enkulu yePremier Soccer League (PSL), ngokubona kukaMngqithi.

IPirates ingene kwiChampions League amahlandla amathathu kuphela kule minyaka engu-12 edlule.

Ngemuva kokufinyelela kowamanqamu ngo-2013, ithwale kanzima ukubuyela kulo mqhudelwano ngenxa yokungenzi kahle nakuleli.

Kepha ngaphansi kukaJose Riveiro, manje seyidlale amasizini amabili kulanelana kulo mqhudelwano.

Kulo nyaka, ifinyelele owandulela owamanqamu okokuqala esikhathini esingaphezu kweminyaka eyishumi.

UMngqithi ungomunye wabaqeqeshi okuvela ukuthi bangase bavale isikhala sikaJose Riveiro kwiPirates.

Uphinde wancoma ukuthuthuka kweBafana Bafana ngokuphusha abadlali ukuthi baphakamise umdlalo wabo.

“Uma iqembu lesizwe lenza kahle, abadlali bamakilabhu nabo bayalikhuphula izinga,” kuqhuba yna.

Uphinde wagqamisa ukusebenza kahle kweStellenbosch FC kwiCaf Confederation Cup.

IStellies, njengePirates, isale kweyandulela owamanqamu iguqiswa yiSimba SC yaseTanzania.