EzintshaOrlando Pirates

UMandla Ncikazi uyaziphendulela ngomsebenzi wePirates

UMandla Ncikazi usebenze njengephini lomqeqeshi ngaphansi kukaJose Riveiro amasizini amathathu. 

Ngaphambi kwalokho wayengumqeqeshi ngokubambisana noFadlu Davids. 

AmaBhakabhaka amqoke njengomqeqeshi wesikhashana ngesikhathi lo mqeqeshi waseSpain eshiya ngaphambi kokuphela kwesizini.

UNcikazi akazange ahlulwe emidlalweni emine abephethe i-Orlando Pirates, wanqoba owodwa, wadlala ngokulingana kwemithathu. 

Umdlalo wakhe wokugcina ephethe kube yila bebebhekene khona neMagesi ekhaya lapho bedlale khona ngokulingana ngo 1-1 e-Orlando Stadium.  

“Ngifunde lukhulu kule kilabhu. Awufundi nje njengomqeqeshi,” kusho uMandla Ncikazi.

“Uyafunda njengomuntu, bakufundisa ukuba yindoda engcono nomuntu ongcono. 

“Futhi kuyangijabulisa ngoba angilona uhlobo lomuntu ofuna amathuba,” kwengeza uNcikazi. 

Uthe umsebenzi wakhe wukuba yisisebenzi seqembu, futhi ukulungele ukuthatha noma yimuphi umsebenzi awunikezwayo.

“Ngesikhathi ngifika kule kilabhu, ngaba yisisebenzi. Ngifuna ukusebenzela le kilabhu. 

“Khumbula, uma uqashwa lapha, kufanele ubeke isifiso sakho endaweni efanele. 

“Ulapha ukuze usebenze futhi uma usebenza, akuwena onquma ukuthi uya ngakuphi nomsebenzi.”

Umdlalo neMagesi uphinde waba ngowokugcina kukaputeni u-Innocent Maela. 

Kulindeleke ukuthi aphionse amakhokho akhe ethala bese eqhubeka nomunye umsebenzi khona ekilabhini.

UMandla Ncikazi umncome kakhulu lo kaputeni wePirates, emchaza njengomuntu omkhulu oziphethe kahle.  

“Ubedlalela iThanda Royal Zulu ngiseseKZN ngesikhathi ngiqala ukumbona… 

“Ngabona lo mdlali ogijima ngokushesha engangifuna ukumsayina. 

“Kodwa ngatshelwa ukuthi, ‘Ungowesikhungo esikhulu, uyazi ke ukuthi yini okufanele yenzeke’,” kusho uNcikazi.