
UMasango uveza okumchaza kakhulu ngoMofokeng
- Intatheli yeLISENETHINI
Owayengumdlali weKaizer Chiefs, uMandla Masango usencome isilomo se-Orlando Pirates, uRelebohile Mofokeng.
Ushayele ihlombe inqubekela phambili emangalisayo yalo mfanyana kusukela eqale ukudlala eqenjini elikhulu.
Lo mdlali oneminyaka engu-19 uqhubekile nokwenza kahle selokhu enyuselwe eqenjini elikhulu ngesizini ka-2022/2023.
Indlela uMofokeng adlale ngayo ayijabulisi abalandeli bePirates nje kuphela, kodwa nabathandi bebhola jikelele.
Uhlonzwe njengesihlabani sakusasa ngemuva kokudlala okokuqala kwiBafana Bafana ngoJuni ibhekene neZimbabwe.
Emdlalweni wangoLwesihlanu ne-Uganda, uMofokeng ungene esiwombeni sesibili iBafana ilandela ngemuva ngo 2-1.
Ukuba khona kwakhe enkundleni kwenze umehluko, kwasiza iqembu lathola igoli lokulinganisa elishaywe uzakwabo kwiPirates, uThalente Mbatha.
UMasango ukholelwa ekutheni umdlalo kaMofokeng usushintshile, njengoba lo mdlali osemncane ekhombisa ukuba ngcono ngokwezibalo zamagolini.
“Uzibambele mathupha ekushayeni amagoli,” kuncoma uMasango kwabeFARPost.
Uzwakalise ukuthi unethemba lokuthi uMofokeng uzosayina eqenjini lase-Europe ngemuva kwale sizini.
“Uya kube uRele,” kusho uMasango. “Ngithanda ukuthi uzithobele futhi ugxile ekuthuthukiseni indlela adlala ngayo.”
Ikhono likaMofokeng lokwakha amathuba amagoli kumenza omunye wabadlali abazogcina beyizihlabani ebholeni lakuleli.
