Ezintsha

UZwane uncoma ukubuya kuka-Ertugral 

U-Arthur Zwane ukholwa ukuthi ukubuyela kukaMuhsin Ertugral ekuqeqesheni kwiPSL kuyinto ezohlomulisa ibhola laseNingizimu Afrika.

U-Ertugral usanda kuqokwa yiCape Town City njengomqeqeshi obambile kuze kuphele isizini.

Ngemuva kwalokho, uzothatha izintambo njengomqondisi wezokuqeqesha weqembu kanti umqeqeshi omusha uzosebenza ngaphansi kwakhe. 

UZwane uncoma u-Ertugral ngokubumba uhambo lwakhe lokuqeqesha, ikakhulukazi ngolwazi lwamaqhinga okudlala. 

Ngezinsuku zakhe zokudlala kwiKaizer Chiefs, uZwane wasebenzisa izimiso zika-Ertugral ukuletha impumelelo eqenjini lakhe leligi yaseSoweto. 

Laba bobabili baqopha umlando kwiChiefs. U-Ertugral uqeqeshe uZwane ngo-1999 waphinda futhi ngeminyaka yawo-2000. 

Ngaphansi kuka-Ertugral, iChiefs yawina izindebe eziningi futhi yakhiqiza abadlali abaningi abasebancane abathokozisayo abafana noJabu Mahlangu owaziwa ngelikaPule ngaleso sikhathi.

Abanye abadlondlobala ngaphansi kuka-Ertugral beesebancane kubalwa uPatrick Mbutho noJunior Khanye. 

“Ngijabule ngaye,” kusho uZwane. “Ube ngumeluleki wami futhi wangikhuthaza ukuthi ngibe wumqeqeshi. 

“Isitayela sakhe namaqhinga angisizea ngabusa neqembu lami eSoweto.”

UZwane – osengumqeqeshi kuMaZulu FC njengamanje – uncome ikhono lika-Ertugral lokuthuthukisa ithalente kubadlali abasebancane.

Ukubuya kuka-Ertugral ekuqeqesheni kwenzeke ngemuva kweminyaka emihlanu ashiya ngesikhathi exoshwa yiMaritzburg United ngo-2019. 

Umdlalo wakhe wokuqala njengomqeqeshi weCape Town City uwunqobe ngo 1-0 ebhekene neqembu lakhe lakudala, iChiefs ngeSonto.