
UBobby Motaung eyokuxoshwa imali kwabanye abadlali
Akukhona ukuthi singengcindezi yokusayina manje bese kube sesiqedile
Imenenja yeKaizer Chiefs, uBobby Motaung useziqinisekisile izinhlelo zokusayinisa okungenani abadlali abathathu ngewindi likaJanuwari.
Amakhosi aphinde athwala kanzima kule sizini, ngisho esengaphansi komqeqeshi omusha uNasreddine Nabi.
Ihlezi endaweni yesikhombisa kwiBetway Premiership, kanti inqobe imidlalo emine kuphela kwengu-11.
UNabi ulande abadlali abayisikhombisa ngewindi lokugcina lokudayiselana ngabadlali okubalwa kubo uGaston Sirino noNjabulo Blom.
UMotaung uveze ukuthi kwabangase basayiniswe kulo Januwari, umgadli nguye ohamba phambili.
Uphinde waphakamisa ukuthi nakwezinye izindawo zeqembu kuyadingeka baqinise isikwati sabo.
“Selokhu kwangena uNabi, besisebenza naye emkhakheni wokuhlola, ukubheka ukuthi uzodingani.
“Sizokwengeza abadlali ababili noma abathathu ngokubheka izinga namava esiwadingayo,” kusho uMotaung kwi-IOL.
“Sisabheke nesizini ezayo, ngakho-ke akukhona ukuthi singengcindezi yokusayina manje bese kube sesiqedile.
“Sisebenza ngokungenamkhawulo ukuqinisekisa ukuthi sithola uhlobo olufanele lwabadlali.
“Futhi kuncike ekutheni umqeqeshi ufunani, nokuthi ikilabhu ingakwazi ukukhokhela na lokho.
“Sisebhizinisini lebhola, hhayi ebhizinisini lokuthenga abantu – ngoba amanye amakilabhu azokutshela ukuthi afuna u-R50 million ngomdlali.”
Mayelana nomthelela kaNabi ekilabhini kuze kube manje, uMotaung unxuse ukuthi kube nesineke, wathi ukujika izinto ngeke kwenzeke ngobusuku obubodwa.
“Kudingeka uqaphele ukuthi ungene eqenjini ebelingakaze liwine izindebe isikhathi eside, futhi kuningi obekulindelwe kuye.
“Kodwa njengeqembu, sidinga ukumeseka kokuthile nangokwabadlali azobadinga.
“Futhi kufanele siqonde ukuthi kukhona inselelo yokuthi abadlali bazijwayeze indlela afuna badlale ngayo.”
IChiefs izodlala neStellenbosch eFNB Stadium ngoLwesithathu ebusuku emdlalweni wayo olandelayo.
