
UMakola uveze amahlazo abhekana nawo kwiCity
- Alfred Ngubane
UMpho Makola, oyinkakha ye-Orlando Pirates useqhumbuze ithumba nokwenza usihlalo wePolokwane City uJohnny Mogaladi walahlekelwa ukuhlonishwa ngabadlali beqembu lakhe.
Lo mdlali wasesiswini ugcine ukudlala esigabeni esikhokhelayo kwiPolokwane City isadlala kwiMotsepe Foundation Championship.
Waba nesandla ekutheni leli qembu laseLimpopo ligcine linyukele kwiBetway Premiership.
UMakola ukhulume nabeSports Arena Show ngempilo ebiphilwa ngabadlali kwiPolokwane City.
“Ngesikhathi sihlulwa yiHungry Lions eKimberly, wadinwa wathelwa ngamanzi njengoba wathenga iNandos endleleni leli qembu selibuyela ekhaya eLimpopo.
“Wafika epulazini lakhe wanika abadlali iNandos njengezinja kwababuhlungu kubadlali ngale ndlela engabekezeleki,” kusho uMakola.
“UMogaladi ungumuntu ongafuni ukwemukela ukuhlulwa nokuyingakho eshintsha nabaqeqeshi njalo eqenjini lakhe,” uMakola.
Kuzokhumbuleka ukuthi iqembu lakhushulwa nguDuncan Lechesa kodwa wamxosha, waqasha uLehlohonolo Seema.
OLUNYE UDABA: UMbesuma udalula umnyombo wobuthuntu babagadli kwiChiefs
UMakola yena wazakhela igama emaqenjini anjengeFree State Stars, i-Orlando Pirates, iCape Town City nePolokwane City lapho ethathe khona umhlalaphansi ebholeni elikhokhelayo.
