UMbesuma udalula umnyombo wobuthuntu babagadli kwiChiefs
- Alfred Ngubane
UCollins “Ntofo-Ntofo” Mbesuma, oyinkakha yeKaizer Chiefs useveze abona kuyiyona nkinga edala ukuthi abagadli baleli qembu abakhona njengamanje babe buthuntu.
Ekhuluma neLIsenethini ngempelasonto, uMbesuma, owayengalibheki ipali ngezikhathi zakhe, uthi iyakhathaza le nkinga yamagoli ebhekene neqembu elamakhela igama ebholeni.
Uthi into ayibona iyinkinga wukungazethembi kwabagadli kuleli qembu laseNaturena.
“Ngibona ukuthi abaqeqeshi kumele bawenze ngokucophelela umsebenzi wokugqugquzela abagadli ukuthi bazithembe uma bephethe ibhola ikakhulukazi phambi kwamapali,” kusho uMbesuma.
“Ngibabonile eBloemfontein ngesikhathi bedlala neYoung Africans ukuthi abadlali basemuva balithatha kalula ibhola ezinyaweni zabo.
“Kuzomele bazifundise ukulivikela ibhola ikakhulukazi uRanga Chivaviro ngoba unomzimba oqatha,” kusho Mbesuma.
“Nginethemba kodwa ukuthi uNasraddine Nabi nethimba labaqeqeshi asebenza nalo bawabonile lawo maphushana amancane okumele bawalungise kubagadli beKaizer Chiefs.”
UMbesuma ubeyingxenye yeqembu lezinkakha zeChiefs elidlale nelezeBloemfontein Celtic emdlalweni wokubhula amazolo eBloemfontein.
Uphinde waveza izindawo athi ubona iKaizer Chiefs kumele izisukumele ngokukhulu ukushesha ukuziqinisa.
“Kumele ithole umdlali wasemuva onesipiliyoni nomdlali waseswini oshaya indishi, okwazi ukuphaka amabhola kubagadli nomgadli oyedwa ozoqobela amabhola enethini,” kuphetha uMbesuma.
Lo mgadli odabuka eZambia waduma kakhulu kwiKaizer Chiefs ngokuhlohla amagoli angu-35 ngesizini eyodwa.
Lokhu kwenza wafica irekhodi elalibekwe nguFani Madida naye oyinkakha yeKaizer Chiefs.
OLUNYE UDABA: Ufuna ukukhululwa onqaba ukwehliselwa umholo kuMaZulu
UPeter Shalulile weMamelodi Sundowns usale kancane ukuthi alephule kumasizini ambalwa edlule.