EzintshaOrlando Pirates

UMabokgwane uveza isifiso esidala sikaChaine ngePirates

UJackson Mabokgwane noSipho Chaine basebenze ndawonye kwiBloemfontein Celtic kusukela ngo-2019 kuya ku-2021.

Ngaleso sikhathi, uChaine wayesadlala kwinkulisa, esanda kushulelwa eqenjini elikhulu ukuze afunde kuMabokgwane. 

UMabokgwane wayejoyine iCeltic kulandela ukushiya kwakhe kwiPirates ayehlale kuyo amasizini amathathu.

UMabokgwane uveze ukuthi yiphupho elidala likaSipho Chaine ukudlala kwiPirates njengoba esekuyo nje manje futhi kunguye unozinti ophambili.

UChaine uphinde abe ngowesibili ngemuva kukanozinti weMamelodi Sundowns uRonwen Williams kwiBafana Bafana.

“Ngisebenze noChaine kwiBloemfontein Celtic. Kwakunguye noMondli Mpoto.

“Empeleni ngenza isiqiniseko sokuthi ngiyababonisa futhi ngibapha nezeluleko, ” kusho uJackson Mabokgwane kwiFARPost.

“Ngamtshela ukuthi uzohamba ibanga elide futhi angikaze ngibe nokulingabaza ikhino lakhe. 

“Ungunozinti omuhle kakhulu. Uqinile lo mkhakha njengoba kukhona yena, uMelusi Buthelezi nabanye onozinti abasebancane kwiPirates.

“Ngiyaziqhenya kakhulu ngoChaine nenqubekelaphambili yakhe, futhi ngikholwa ukuthi kusekude lapho eya khona.”

Ngesikhathi uJacskon Mabokgwane eseqenjini elikhulu kwiCeltic, uSipho Chaine ubedlala kweleDStv Diski Challenge.

“USipho wayedlala kwiDDC, kusobala ukuthi ngaleso sikhathi babecabanga ukuthi akakalungeli ukudlala kwelikhulu.

“Yingaleso sikhathi engishiya ngaso iPirates, kanti iCeltic yayidinga unozinti ozovala isikhala sikaPatrick Tignyemb. 

“Kwakuyisikhathi esihle ngoba ngakwazi ukuya kwiCeltic ngafike ngenza kahle njengoba ngenza.

“Kodwa-ke uSipho ubelokhu ethobekile. Okuhlekisayo wukuthi wayehlale engibuza ngePirates nokuthi kwenziwani kuyo… 

“Nsuku zonke wayecela iseluleko sami, kodwa ngamtshela ukuthi uma ehlala ethobekile futhi esebenza kanzima, uzohamba kakhulu.

“Futhi ngisakholelwa ukuthi kuningi okumele akuzuze,” kwengeza le nsizwa evimbe emaqenjini amaningi ehlukene kuleli.