Ezintsha

IChippa ‘ichoma’ ngofishi omkhulu ewubambe kwasheba izimbangi

I-Chippa United isiqinise isikwati sayo ngokusayina umdlali wasesiswini ethi imthole kade imbanga nezimbangi eziningi.

IChilli Boys iqinisekise ngoLwesihlanu kusihlwa ukuthi isisayine u-Ibrahim Bancé oneminyaka engu-25 ubudala odabuka eBurkina Faso.

UBancé ujoyina iChippa ngemuva kokushiya iMarumo Gallants ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe.

Lo mdlali waqala ukuvelela kwi-ASEC Mimosas yaseCôte d’Ivoire. Uke wadlala naseSweden kwiHelsingborgs IF.

Uphinde wadlala e-United States of America kwiReal Monarchs ngaphambi kokuthuthela eNingizimu Afrika.

UBancé useke wamela neBurkina Faso ezingeni leqembu lesizwe.

IChippa ayiyidalulanga imininingwane yenkontileka yakhe.

Ikilabhu ithi lo mdlali uzoletha amandla amakhulu phakathi nenkundla.

“IChippa United iyajabula ukumemezela ukusayinwa komdlali wasesiswini waseBurkina Faso, u-Ibrahim Bancé,” kusho ikilabhu.

UBancé ubedonse intshisekelo kwamanye amakilabhu amaningi, kodwa wagcina ekhethe iChippa njengeqembu elilandelayo emsebenzini wakhe.

“Yize ebefunwa ngamanye amakilabhu amaningi, uBancé ukhethe iChippa United njengendawo elandelayo emsebenzini wakhe,” kusho iChippa.

Le kilabhu ikholwa ukuthi ukusebenza kwakhe kanzima namandla akhe kuzoyisiza.

“Sinethemba lokuthi amandla akhe, ukusebenza kanzima nekhono lokulawula isisu kuzokwengeza amandla esikwatini sethu,” kusho iChippa.

Ukusayinwa kukaBancé kunikeza i-Chippa United enye inketho ebalulekile esiswini njengoba iqembu lilungiselela isizini ebukeka izosinda kulo.