
IPirates ayiyintsha kwingcindezi yosuku lokugcina ngeseligi
I-Orlando Pirates ijaha isicoco sayo sesihlanu seBetway Premiership ngaphansi kwenqubo yePSL.
Izobhekana ne-Orbit College emdlalweni wokugcina ngoMgqibelo kubhekwe ukuba inqobe ukuze idle isicoco.
Iqemu ebanga nalo, iMamelodi Sundowns selivele liyiqedile imidlalo yalo yeligi.
Funti manje seligxile emlenzeni wesibili womdlalo wamanqamu weCaf Champions League.
I-Orlando Pirates ike yaba kulesi simo phambilini. Ukunqoba kwayo iligi phambilini ikwenze ngaphansi kwezimo ezinengcindezi ecishe ifane.
Isicoco sabo sokuqala senkathi yePSL safika ngesizini ka-2000/01 ngaphansi kukaGordon Igesund.
IBucs yaqhuzuka ngendlela emangazayo ngemuva kwenhlekelele yase-Ellis Park, lapho kwashona khona abalandeli abangu-43.
Abalandeli abebethukuthele bagasela la iqembu liziqeqesha khona, bafike balwisa u-Igesund.
Kodwa i-Orlando Pirates yabuye yavuka yazithatha. Yashaya i-Ajax Cape Town ngo 3-0 ukuze inqobe isicoco ngosuku olwalundulela olokugcina.
Ngesizini ka-2002/03, uRoy Barreto wanqobisa iPirates. Nokho lowo mkhankaso awubanga nzima kangako.
Yanqoba isicoco ishiya iqembu elalala indawo yesibili ngamaphuzu ayisithupha futhi yangenela amagoli angu-16 kuphela kuleyo sizini yonke.
Umkhankaso ka-2010/11 waba nesiphetho esimangalisa kakhulu emlandweni we-PSL.
IPirates yashaya iGolden Arrows ngo 2-1 wegoli elihle lika-Isaac Chansa.
Nokho ayikwazanga ukujabula ngemuva kokuphela komdlalo.
Kwadingeka ilinde imizuzu embalwa kuze kuphele umdlalo we-Ajax eyayibanga nayo isicoco.
I-Ajax yabambana ngo 2-2 neMaritzburg United, kwaba yima i-Orlando Pirates iba ngompetah, inqoba isicoco ngenxa yesibalo esihle samagoli.
Yabe seyisivikela kunzima lesi sicoco ngesizini elandelayo. Nakhona yasidla ngosuku lokugcina.
Yahlula iGolden Arrows ngo 4-2 ngosuku lokugcina. UBenni McCarthy nguye owashaya amabili asiza ukudla lesi sicoco.
Namanje izithola esimweni esifanayo. Ingabe izokwazi ukuphinde isinqobe sekuvalwe amehlo noma izokhubeka?
Impendulo seyiyocaca ngemuva komdlalo wayo ne-Orbit oseMbombela Stadium ngoMgqibelo – uqala ngo-3 ntambama.
