EzintshaKaizer Chiefs

Kuvela okuhlehlise iChiefs ku’Shalulile’ ebimgaqele

Ngokombiko wakamuva, iKaizer Chiefs isivelile kwiLeopards, yashaya indesheni ifuna ukudayiselwa lo mgadli, kodwa “yachithwa.”

UMuzeu, oneminyaka engu-24 ubudala futhi odabuka eNamibia, ujoyine iBlack Leopards ngo-2022 kanti usephenduke inyama kwamanye amaqembu.

Uqede njengomshayimagoli ophambili ngesizini ka-2023/24 enamagoli angu-17 kanti kwedlule khona ushaye angu-13. 

Ifomu yakhe emangalisayo uqhubeka nayo naseqenjini lesizwe njengoba eshanda kushaya amagoli amathathu kwiCosafa Cup yangonyaka odlule futhi wadlala kahle nakwi-Afacon ka-2024. 

Indlela adlala ngayo seyenze wase waqhathaniswa nozakwabo waseNamibia, uPeter Shalulile weMamelodi Sundowns.

Amakhosi adinga umgadli oqinile phambili, futhi ikhono likaMuzeu lokushaya amagoli limenza abonakale ebengaba yisisombululo enkingeni yamagoli eNaturena. 

Kodwa iSportswire ibika ukuthi ukuvumelana phakathi komdlali neChiefs bekungeke kube yinkinga njengoba uMuzeu eke wazwakalisa iphupho lakhe lokudlalela iziqhwaga zaseSoweto.

Nokho, isikhubekiso kube yiBlack Leopards. Leli qembu lisebenzise umbandela wokwelula inkontileka kaMuzeu. 

Lokhu kwelula kuyinike igunya lokukhuphula nemali eyifunayo emaqenjini afuna ukudayiselwa lo mgadli.

Intshisekelo yeChiefs namanye amaqembu nakho kukholakala ukuthi ibe nomthelela ekutheni iLeopards yenyuse imali eyifunayo.

Ngenxa yalokhu, iKaizer Chiefs “ayizimisele ngokuqhubeka nezingxoxo ngaphansi kwezimo ezikhona njengamanje.” 

Njengoba la makilabhu womabili engazwananga ngemali yokudayiselana, izimpawu zikhomba ukuthi leli qembu laseNaturaena lizophuma ezingxoxweni.

Nokho uMuzeu akawaswele amaqembu amfunayo. Ngaphandle kweKaizer Chiefs, kunesasasa elivela kwamanye amakilabhu aseNingizimu Afrika.

Kukhona nentshisekelo evela eNyakatho Afrika, eSudan, eTanzania, nasesifundeni saseGulf, okuhlanganisa neqembu elidlala kwi-UAE Pro League. 

Kubukeka sengathi umjaho wokusayina lo mgadli ofunwa ngapha nangapha usesekude ukuphela, noma ngabe iChiefs iyahoxa yona okwamanje.

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO