EzintshaKaizer Chiefs

‘Ukunquma iDowns’ kuvuse ulobi wamagoli ku-Ashley Du Preez

U-Ashley Du Preez wangena esuka ebhentshini washiya iLoftus Stadium imangele ngegoli elasiza iKaizer Chiefs yanqoba ngo 2-1 ibhekene neMamelodi Sundowns. 

Lokhu kunqoba kufake umfutho iKaizer Chiefs ebiwudinga, ikakhulukazi u-Ashley Du Preez.

Lo mgadli manje usefuna ukuqhubeka nokuqhulula amagoli njengoba Amakhosi ephushela ukuqeda le sizini ngamandla.

UDu Preez unamagoli amahlanu emidlalweni engu-21 kuyo yonke imiqhudelwano kule sizini.

Kodwa uchithe izinyanga ezimbalwa elimele ekuqaleni kwalo nyaka. 

Ekubuyeni kwakhe, useyibhakuzise kabili inethi ngemuva kokungena esuka ebhentshini. 

Ushaye igoli ngesikhathi behlula iMagesi FC ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership.

Muva nje kube ngesikhathi benqoba owandulela owamanqamu weNedbank Cup behlula iSundowns. 

“Yilokho wonke umgadli afisa ukukwenza uma esuka ebhentshini,” kusho uDu Preez kuleli sonto. 

“Sibhekene neMagesi ngathola imizuzu embalwa ngisuka ebhentshini, ngashaya igoli lokunqoba.

“Futhi kimina lokhu kufakazela isonto nesonto ukuthi ngifuna ukuba sohlwini lwabaqala imidlalo. 

“Ukuthola igoli lokuwina kwiNedbank Cup ukuze sifinyelele kowamanqamu kwaba umuzwa omangalisayo kithi njengeqembu, ikakhulukazi kimi. 

“Sekulele kimi ukuthi ngiqhubeke nokuphusha futhi ngisize ikilabhu ekupheleni kosuku.”

IKaizer Chiefs izokwamukela iMarumo Gallants eFNB Stadium ngoMgqibelo emdlalweni weBetway Premiership. 

UDu Preez uzothemba ukuthi uzothola imizuzu eyengeziwe njengoba lo mdlalo uzoba ngowokulungiselela imidlalo emibili emikhulu ezayo. 

IChiefs izosingatha i-Orlando Pirates emdlalweni weligi eFNB Stadium ngoMeyi 3, nakowamanqamu weNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium ngoMeyi 10.