EzintshaMamelodi Sundowns

Ukufika kukaSaleng sekuvulele uMaseko isango kwiDowns

Lokhu kuza ngemuva kwezinsuku ezimbalwa lezi ziqhwaga zasePitoli zibambe ufishi omkhulu ngokusayina uMonnapule Saleng kwi-Orlando Pirates.

Manje leli qembu laseChloorkop kubikwa ukuthi selifinyelele esivumelwaneni ne-AEL Limassol ngokubolekiswa kukaThapelo Maseko.

Lo mdlali uzojoyina leli qembu laseCyprius kuze kuphele isizini. Lesi sinyathelo, ngokubika kweSABC Sport, sekuphele izinyanga ezimbalwa siqhubeka.

UThapelo Maseko uthwale kanzima ukuthola ijezi njalo ngaphansi komqeqeshi uMiguel Cardoso kwiSundowns.

Ukukhungatheka kwakhe kukhule kakhulu ngemuva kokushiywa ngaphandle eqenjini leSundowns leFifa Club World Cup ngoJuni nyakenye.

Lo mqhudelwano ububanjelwe e-United States kanti uMaseko wayekholwa ukuthi usebuyele embangweni wokuqokwa eqenjini ngaleso sikhathi.

Ujoyine iSundowns esuka kwiSuperSport United ngesivumelwano esibiza imali ebalelwa ku-R20-million.

Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala ube nomthelela ngokushesha kwiSundwns. Waqokwa njengoMdlali oVelele kwi-Africa Football League yokuqala.

Leyo mpumelelo yenzeke ngesikhathi uRulani Mokwena esengumqeqeshi oyinhloko kwiSundowns.

UMaseko uphinde waba yingxenye yeqembu leBafana Bafana elabuya nendondo yethusi kwi Afcon ebise-Ivory Coast ekuqaleni kuka-2025.

Ukweqiwa yijezi kusukela lapho kuphazamise ukukhula kwakhe. Lo mdlali ugcine esehliselwa eqenjini leDStv Diski Challenge.

Nokho abamele uMaseko bebefuna ukuba adayiswe ngokugcwele ekuqaleni kwale sizini. ISundowns yakwenqaba lokhu, yayichitha i-Aris Limassol.

Kodwa ikilabhu manje isivumele ukuthi imbolekise kwi-AEL Limassol izinyanga eziyisithupha. Nokho kuseyisivumelwano esingakaphothulwa.

Kusasele imininingwane embalwa okusafanele ilungiswe ngaphambi kokuthi kwenziwe isimemezelo esisemthethweni.